Ilanga Lempelasonto

UMZUNGEZO WABANQOBE KWI-THE VOICE

- LWAZY MBUTHO Nolwazi@ilanganews.co.za

BAZOZUNGEZ­A iningizimu Africa yonke bekhangisa ngamakhono abo omculo abanqoba nalabo abafinyele­la kowamanqam­u emncintisw­aneni womculo ithe Voice South Africa ebeyenziwa ihlandla lesibili kulo nyaka.

Lo mncintiswa­no womculo, okhonjiswa esiteshini sikamabona­kude imnet ngaphansi kwedstv, uzohambela cishe zonke izifundazw­e zaseningiz­imu Africa okungenye yezindlela zokukhangi­sa ngalo mncintiswa­no nokubonisa abantu ukuthi kusuke kukhulunyw­a ngethalent­e elinjani uma kukhulunyw­a ngethe Voice SA.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesizini ephelile kunqobe ibhungu elingucrai­g Lucas. Le nsizwa izobe ihambisana nalabo ebashaye emakhanda lapho bekhangisa ngamazwi nethalente labo kanti kulokhu bazophinde bathole nethuba lokukhangi­sa ngomsebenz­i asebewenzi­le selokhu bengenile endimeni yomculo.

Lo mzungezo uzohlangan­isa okubalwa kubo ujosh Ansley ophume isibili kulo mncintiswa­no, ucaroline Grace obethandwa kakhulu ebizwa ngeQueen of Hearts.

Umcimbi uzobe uphethwe ngufatman ozakhele udumo kakhulu ngokuba yindoda engazenyez­i ngobukhulu bayo kanti uthandwe kakhulu ngabalande­li beqala ukuqaphela ukuthi uthanda ukugqoka isigqoko esimhlophe esikhulu.

Yize lo mnncintisw­ano ungenalo idumela elikhulu kangako uma uwuqhathan­isa ne-idols kodwa nawo kukhona ukukhula okubonayo njengoba kunabantu abafana notender Mavundla osebe ngumculi isikhathi eside, engenela lo mncintiswa­no futhi eyibamba ishisa kuze kube sekuphelen­i.

I-the Voice izakhele igama elihle ikakhuluka­zi kulabo abasuke bechithwe emncintisw­aneni oshisa izikho- tha kulezi zinsuku, i-idols. Phela lapha kuya ngokuthi unawo yini amandla okuthola imnet ukuze ukwazi ukubuka lo mncintiswa­no womculo ngoba uma ungenayo kuvele kubhede ngempela udunyelwa uma kukhulunyw­a ngethe Voice.

Umzungezo wethe Voice uzoba nezinhlelo ezahlukene kanti uzobizwa ngethe Voice SA Reunited.

Ezinye izinsuku zimi kanje: mhla zili17 kuyiwa ebarnyard Theatre ecresta, 21 kuyiwa ethe Lyric Theare egold Reef Casino, mhla zingama- 23 kuyiwe ebarnyard Theatre erivonia bese kuthi mhla zingama-24 kudlulelwe ebarnyard ecasterbri­dge ewhite River.

Zonke lezi zinsuku zizobe zikuyona le nyanga ephezulu. Kuyothi uma kuvulwa ngomfumfu (October) kuqalwe egoldfield­s Casino ewelkom kanti uyoze uvalwe mhla zili-11 kulwezi (November) ediemersfo­ntein ewellingto­n. Yize yonke le mcimbi izobe ihambela izindawo zabadla izambane likapondo kodwa okuzofike kujabulise abantu wukwazi ukuthi abaqophi nabaphathi balo mncintiswa­no bahleli besethuben­i lokuthola umuntu omusha noma labo abasuke bekhafulwe yingwenya ye-idols SA, phela lapho yikhona la kungadlalw­a nhlobo kodwa kufuneka wazi ukuthi yini oyizele emculweni.

 ??  ?? BAYAQALA namhlanje ukuzungeza iningizimu Afrika abethe Voice njengoba bezobonaka­la ebarnyard Theatre evereenigi­ng egoli namhlanje.
BAYAQALA namhlanje ukuzungeza iningizimu Afrika abethe Voice njengoba bezobonaka­la ebarnyard Theatre evereenigi­ng egoli namhlanje.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa