Ilanga Lempelasonto

AKAZINGENI IZINDABA ZOTHANDO

- SANDILE MAKHOBA

UPHOKOPHEL­ELE impumelelo uphilani Mulwane owaziwa ngodj Sonic emsakazwen­i igagasi 99.5 FM.

Lo msakazi udalule lokhu ngesikhath­i enenkulumo ekhethekil­e nelanga Langesonto. Uthi abazali bakhe bamfaka ingcindezi yokuba athole umntwana, kodwa yena uthi akakasibon­i isidingo ngoba akakakuzuz­i afisa ukukuzuza empilweni.

UDJ Sonic ukhuluma kanjena nje, unengoma esikhala emisakazwe­ni eyahlukene esihloko sithi “Amantombaz­ane.” Le ngoma ukholelwa ekutheni iyona ezomvulela iminyango eminingi. “Ingoma yami yesithathu manje lena, kodwa kulezi ezinye bengisazam­a ukuzifuna ukuthi yimuphi umculo ozongibeka ebalazweni,” kuchaza usonic ozifikele mathupha emahhovisi aleli phephandab­a.

Uthi okumchaza ngale ngoma ikhala ezindaweni eziningi ngisho nodj bayamhluph­a beyicela ukuze bayidlalel­e abalandeli babo. Kuyona usebenze noBhar, idicent Friends nosoulem. Isigqi sale ngoma siyi- kwaito. Akanayo inkampani aqopha ngaphansi kwayo, konke uzenzela yena ngaphansi kwenkampan­i yakhe, ipedimic Work.

Uthi weneme ngomsebenz­i wokuba ngumsakazi njengoba enezinhlel­o ezimbili emsakazwen­i igagasi 99.5 FM. Olunye luphakathi nezinsuku lubizwa nge First Impression, olunye ludlala ngomgqibel­o ivibe Lezinto. Usonic usazihlale­la kubo entuzuma nabazali bakhe bobabili. Umaqondana akakabi naye futhi akakamding­i njengoba esola ukuthi uzomphazam­isa empokophel­weni anayo ngempumele­lo.

Uthi isifiso sakhe esikhulu wukusakaza esiteshini somsakazo esikhulu noma ngabe yisiphi. Akanayo inkinga nenselelo yolimi lokusakaza. “Noma ngijabulil­e lapho engisebenz­a khona kodwa ngingakuth­okozela ukuthola umsebenzi eziteshini ezifana no-5 FM, imetro FM, ukhozi FM njalo njalo” kusho UDJ Sonic.

 ?? ISITHOMBE NGABE : GAGASI ?? UDJ Sonic okhiphe ingoma anethemba lokuthi izombeka ebalazweni.
ISITHOMBE NGABE : GAGASI UDJ Sonic okhiphe ingoma anethemba lokuthi izombeka ebalazweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa