UMNDENI WONKE ETULWENI LOBUGEBENGU
LOGAN LUCKY UMQONDISI: Steven Soderbergh ABADLALI ABAPHAMBILI: Channing Tatum (Jimmy Logan), Adam Driver (Clyde Logan), Seth Macfarlane (Max Chilblain), Riley Keough (Mellie Logan), Katie Holmes (Bobbie Jo Chapman), Katherine Waterston (Sylvia Harrison), Dwight Yoakam (Warden Burns), Sebastian Stan (Dayton White), Brian Gleeson (Sam Bang), Jack Quaid (Fish Bang), Hilary Swank (Special Age-nt Sarah Grayson), Daniel Craig (Joe Bang) UHLOBO: Crime/ Drama/ Comedy
IMINYAKA: 10-12 PG L/V
EMINYE imindeni ibambisana nasezimeni okungalindelekile kuzo ezifana nobugebengu. Kunomlisa wasewest Virginia, ujimmy, owona-kelelwa yikhono lokudlala ibhola ngenxa yokulimala wagcina esesebenzela inkontileka echarlotte Motor Speedway.
Ngenxa yentukuthelo emuva kokuchithwa kulo msebenzi uhlanganyela nomfowabo (Clyde) owayeyisosha ongasenangalo nodadewabo (Mellie) ukuba bantshontshe imali.
Bahlela ukukwenza lokhu emjahweni wodumo echarlotte Motor Speedway la ayesebenza khona. Lo mjaho obizwa ngecoca-cola 600 Race ngomunye wemikhulukazi eyenzeka kule ndawo. Akagcini ngokuhlanganisa umndeni wakhe kodwa uhlanganisa nesazi seziqhumane ujoe ukuze abalekelele ukuze bakwazi ukuqhumisa ngaphansi kwala kunomjaho khona.
Konakala yonke into ngenxa yokwehlukana kwemibono, ukulahleka kwengalo yokufakelwa yomfowabo bephoqeleka ukuhoxisa ukubamba le nkunzi.
Khona lapho kune-agent YEFBI usarah engabanike thuba ebalandela kuze kube sekugcineni, sebezijabulisa emuva komsebenzi obe yimpumelelo. Ingene ngolwesihla-nu lwangesonto eledlule mhlaka-8 e-cinema.
zowakha@ilanganews.co.za NGEZANSI wuhlu lwamafilimu ayishumi ahambe phambili ngempelasonto edlule ngokubukwa yomhlaka-8-10 kanti IDESPICABLE ME 3 ibisahamba phambili ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r 45 589 758:
1 DARK TOWER 2 HITMANS BODYGUARD 3 SON OF BIGFOOT 4 AMERICAN MADE 5 GIRLS TRIP
6 LOGAN LUCKY 7 ANNABELLE
8 ATOMIC BLONDE 9 DESPICABLE ME 3 10 THE BOUNCE BACK