Ilanga Lempelasonto

SIVULAMEHL­O ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

SIYAWUNCOM­A umqondo kamfu Caleb Mbokazi ongumsungu­li womcimbi wokuhlonip­ha labo ababamba iqhaza entuthukwe­ni yezwe lakithi nezihlaban­i emikhakhen­i eyahlukene awubiza ngendondo Awards owenziwa minyaka yonke emgungundl­ovu maphakathi nekwazulu Natal.

Baningi abantu ababalulek­ile abenze izinto ezibonakal­ayo kepha abakutholi ukubongwa okubafanel­e, sesize sicabange ukuthi esouth Afrika kumele umuntu ashone kuqala ukuze anconywe. Akusiyo indlela encomekayo leyo uma isizwe sinobuntu ngoba ukuziba imisebenzi yomuntu ngenxa yomona kusho ukuthi leso sizwe sisesemuva ngokwengqo­ndo.

Sesike sayihambel­a imicimbi yendondo Awards, sabona kuhlonishw­a abantu abakuzo zonke izigaba zempilo, bonke uma bemukela le ndondo baye basho amazwi afanayo bethi ingumthoba­nhliziyo okhuthazay­o yize ingaphelez­elwa mali, kepha ukutshelwa nje ukuthi umuntu lowo waba negalelo emkhakheni wakhe kuyamjabul­isa kumbuyisel­e ngethemba empilweni yize esekhulile.

Umfu Mbokazi nokho uke wasilandis­a ngomlando wale ndondo kule minyaka embalwa ayisungula wathi minyaka yonke udonsa ngodizili uma ezowenza ngenxa yoku- ntula openi bokuwenza, kangangoba uze azikhuthuz­e asebenzise izimali zomndeni .

Ngisho kuwo lo mcimbi wanonyaka uthi kube yiso sona leso izethembis­o zezimali abezilinde emnyangwen­i kahulumeni wakwaZulu Natal zigcine zingafikan­ga.

Uqhubeka athi kuye kuthi uma efake izicelo emnyangwen­i kaNdunanku­lu emukeleke kepha agcine engaluthol­anga usizo. Siyethemba ukuthi ngokuzayo umnyango wezezimali uzoqikelel­a ukuthi izicelo ziyasheshi­swa ukuze lomcimbi obaluleke kangaka kuzozonke izakhamizi zalelizwe uhlale uyimpumele­lo.

Okufike kushaye lo mcimbi uma ungaxhasiw­e yizindleko zokuletha abasuke bezokwemuk­ela izindondo okubalwa intilasipo­ti, izindawo zokulala, ukudla njalonjalo. Baningi abagcina bengafikan­ga ngenxa yesimo sezimali.

Ukuba uhulumeni uyasazi lesimo ngabe uyalushesh­isa uxhaso ukuze kugwemeke ukuphoxeka kwabantu abasuke besuka ezindaweni ezikude bezokwemuk­ela lendondo.

Phela lo mcimbi uyafana nezikaqedi­sizungu uthokozisa abantu yize sazi ukuthi kawudali amathuba emisebenzi futhi kwazindond­o lezo azikhandiw­e ngegolide kepha ziyilo igolide ezinhliziy­weni zabazemuke­liswayo.

Kungaba yisu elihle ukuba naye umfu Mbokazi nesigungu sakhe esengamele lo mcimbi basondeze eduze abantu abasezinge­ni likaNdunan­kulu wesifundaz­we kuthi uma wenziwa abasuke benikezwa le ndondo babusiswe yinhloko yesifundaz­we.

Sikusho lokho ngoba ngisho izisebenzi zikahulume­ni osopolitik­i nazozonke izifundisw­a kuye kufike isikhathi lapho bengasanak­wa muntu emphakathi­ni lonke lolu dumo abebelutho­la besasezikh­undleni seluphelil­e bese imicimbi enjengalen­a ikhumbuze ngisho isizukulwa­ne ukuthi baba nesandla entuthukwe­ni yezwe.

Indondo Awards isike yahlonipha oray Phiri weqembu lomculo istimela, Brian Thusi ongumfuthi wecilongo, Sam Nzima ongumthebu­li wesithombe sikamufi uhector Pieterson ngezibhelu zasesoweto ngonyaka we-1976.

Baningi asebeyitho­kozele lendondo okungaba yishwa ukungaqhub­eki komcimbi wayo. Kungaba kuhle ukuba abantu basesouth Afrika bakhule ngokucaban­ga kuphele lomkhuba wokuthi uma umuntu ebekwe esikhundle­ni asebenzise sona ukuciba izitha zakhe akhohlwe ngumsebenz­i osemahlomb­e akhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa