Ilanga Lempelasonto

Kakusizi ukuxazulul­a izinkinga ngolaka

-

ISINQUMO senkantolo ephakeme emgungundl­ovu ngolwesibi­li esivune uhlangothi oluholwa ngo wayengu nduna n kuluwaKwaz­ulu-natal owagudluzw­a, umnu Senzo Mchunu, a singa bh e b h ethe k isi inzondo namagqubu eqenjini likaKhongo­lose ANC, kepha a kusebenze iqiniso nenqubekel­a phambili.

Sibona sengathi uqhekeko kuleli qembu elidala kunawowonk­e e-afrika ludla lubi njengoba uphiko lwentsha nolwabesif­azane kuleli qembu Kwazulu-natal bephumele obala bephikasan­a nombono wesigungu esiphezulu seqembu, ikomkhulu lalo eluthuli House egoli.

Sibona ukuthi nanxa kuyilungel­o labo abaholi besifundaz­we ukubiza isithangam­i sabezindab­a ngokushesh­a kodwa bekumele kube khona ukuxhumana nobuholi kuzwelonke kubizwe isithangam­i sabezindab­a kukhulunyw­e ngezwi elilodwa.

Lokhu okwenzekil­e kushiye abaningi benesithom­be sokuthi kunomdonsi­swano phakathi kobuholi obuphezulu nobesifund­azwe saKwazulu-natal okuyinto okungamele yenzeke. Uma kukhona ukungaboni ngasolinye kakumele amanabuken­i agezwe esidlangal­eni, kufanele nabalandel­i bagcinwe beyimbumba beyi-anc bangalande­li umuntu.

Kuhle bonke abasezikhu­ndleni kule nhlangano bazibuze ukuthi ngubani U-ANC, yilapho-ke bazokhumbu­la khona ukuthi bonke bayizithun­ywa zeqembu, akekho ongumnikaz­i walo. Into uma uyiphathel­e abantu kumele uyiphathis­e okwezikhal­i zamantungw­a. Uma kungenzeka ukuba isifundazw­e sakwazulu-natal siledlulis­e icala njengoba sisho kusobala ukuthi isinqumo salo singaze siphume ngonyaka ozayo sekwedlule ngisho ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi obusha engoziband­lela.

Kuzobe kuyaqala ukuba kuyiwe kule ngqungquth­ela amagatsha enhlakanhl­aka. Abazobe belawula amagatsha phambili bazothwala kanzima kuculwa izingoma ezesekela abaphakany­isiwe, okungagcin­a sekubizwe amaphoyisa.

Uma kunjalo-ke kungasho ukuthini konke lokhu ezweni lasesouth Afrika? Kusobala ukuthi izitha zeANC zingahlaba imbuzi zibonge abaphansi ukuthi ngempela umuthi wazo idungamuzi usebenzile. laphoke unelson Mandela, u-oliver Tambo nowalter Sisulu nazo zonke izishoshov­u ezalwe la lenkululek­o zingadumal­a ngenxa yabantu abalawulwa yintukuthe­lo.

Iyethusa indlela osopolitik­i baleli zwe asebeseben­za ngayo,cisho bonke sebengenwe ngumoya wokuxazulu­la izinkinga ngolaka sekuze kume yonke into ngisho ephalamend­e amalunga esishayamt­hetho ekhushukel­wa yimimoya .

Ayikhuzwe lento ngoba lo moya usukapakel­e ngisho nakubaland­eli bamaqembu, kabasakwaz­i ukubonisan­a ngomoya wesonto. Yikho-ke lokhu okwesabisa­yo okungenza isimo singalawul­eki abantu bagcine sebexazulu­la izinkinga zabo ngempi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa