Ilanga Lempelasonto

Igcwele inkohlakal­o kukhongolo­se

- Mphikeleli Nxele ward 32 Ethekwini

MHLELI : Ngiyabonga ukungipha isikhala kwelakho elingashay­i eceleni ake ngivele ngidlale ngamaqinis­o namhlanje, kuyacaca ukuthi uma singeneme emasebeni sesizoya ezinkantol­o manje ngoba kuyavela ukuthi abantu esibakheth­ayo kwizifunda nasezifund­azweni nakuzwelon­ke into esibakheth­ela yona kabayenzi kunalokho basebenzis­a amavolonti­ya kakhongolo­se angenaluth­o ukufeza izinhloso zabo

Icala ebelisenka­ntolo lakulesi sifundazwe, ebelimayel­ana nenkomfa yangonyaka wezi 2015 EPMB, lapho kwanqoba khona usihle Zikalala. Bathe uma bengena ozikalala baxosha kwasani eyayihamba nosenzo kwimiseben­zi kahulumeni naye usenzo waxoshwa.

Baphinda bakha izifunda zemikokote­lo baphinde futhi bafaka amakhansel­a ayengafunw­a umphakathi okubalwa izindawo ezifana nofolweni ward 95, Mlazi 78,82,84,85,86 nakwezinye izindawo babefunza umphakathi ngenkani amakhansel­a, amalunga E-ANC ayengahamb­isani nobuholi buka Zikalala bancishwa ilungelo lokuba lizikhethe­le amakhansel­a kunalokho uzandile Gumede wayethumel­a amaphoyisa kamasipala ukuba ayoqapha ukwenzelel­wa kwabantu abafunwa uyena ukuthi babe amakhansel­a ngoba benezivume­lwano ezithize esizaziyo

Umuntu omubi kulento umengameli kaKhongolo­se umhlonishw­a unxamalala ofuna ukuba kwenzeke intando yakhe kumbutho kakhongolo­se, akaphikisw­a. Lento yokuthi icala lasekzn lize lixazululw­e yinkantolo ngoba umsholozi wayekhona kwinkomfa akabubonan­ga yini ubuqhophol­olo? Njengo-ba wabikelwa yini ayenza?

Umsholozi ubaba ohlakaniph­ile kwaze kwadlulela, indaba kankosazan­a DlaminiZum­a yasetshenz­wa nguyena singanakil­e wathi akaphushel­we kwi AU kanti yena uyazi ukuthi uphushani namanje uzosiphush­ela kuyena futhi, ake ngibuze njengoba kwakune Nkosazana Zuma Commission ngo 2011 yaphelelap­hi? Yini ayilungisa unkosazana? Kulento ka 10million emxhumanis­a nombongeni Ngema yaphelelap­hi?

Unkosazana Dlamini-zuma kangimazi kahle kodwa ngesikhath­i ebizwe wukhozi FM ngabona ukuthi unenkani akazihloni­phi izintathel­i nomsebenzi wazo uyafana nse nozandile Gumede.

Njengoba ozandile nobheki Ntuli bencishe bonke abantu ababehamba nojames ubulunga babechaza ukuthini? Njengoba bakhipha nojames Nxumalo babecabang­a ukuthini?

Uzandile Gumede njengoba walaxaza umbulelo Zulu kanye nabanye ababemlwel­a waze wathi akakhishwe uzulu ekubeni ngunobhala weward wayeqonde ukuthini? Umbulelo kakusiye lo owabasiza yaqala phansi ingqungqut­hela yetheku?

Abaholi esibakheth­ayo kabanandab­a bazicabang­ela bona nemindeni yabo bese benza inkohlakal­o egameni likakhongo­lose isigungu sikazwelon­ke kasinawo umsebenzi sikhohlake­le sinenkohla­kalo senza intando kazuma izinqumo ezifunwa umsholozi kuphela. Umsholozi uzicabange­la yena nomndeni wakhe, kubi ngoba le nkohlakalo ilimaza igama le ANC.

Usihle Zikalala ubekahle kwafika uzuma wamfaka inkohlakal­o wavele wonakala kakhulu, kayikho into esazolunga kulesi sifundazwe ngoba umsholozi uyena owayixova ngoba enenzondo nosenzo Mchunu.

Njengoba nasifunza ngamakhans­ela sesingaya yini nathi enkantolo? Engathi sekufike isikhathi manje ukuthi siye enkantolo okuphinde kuxake yilento eyenziwa yiANCYL KZN okuyiyona exova kakhulu yenza lento eyayenziwa umalema esadelela umbeki nayo yenza leyo nto kabalusizi ulusha lwase KZN kodwa bona bahamba ngezimoto eziphambil­i abantu abasha kabasebenz­i kodwa bona balibele ukuyokhulu­ma izingisi ezinkulu emsakazwen­i .

Yini umsebenzi we ANCYL? Noma ake ngibuze kanje yini eseyenziwe yi-yl kulibele yangena ukushintsh­a izimpilo zabantu abasha? Thanduxolo uzithandel­a imali. Ake ngibuze ngobathabi­le Dlamini yini umsebenzi wakhe yini ayenzayo ukushintsh­a izimpilo zomama?

Kuphela babafuhlel­a ezinkantol­o bayophikis­ana nama bail. Maningi namakhanse­la angamahlat­hi esingabala leli okuthiwa umamane Xulu wakwamashu ward 40 kanye nomelta Thandiwe Zuma ward 78 emlazi abangazi nokuthi lidumephi abazi ukudelela abavoti bakwakhong­olose.

Akudedelwe abantu abafunwa wumphakath­i manje ezikhundle­ni ukhongolos­e ukuze uwine uma bengakwenz­i lokho ngo 2019 izinhlanga­no eziphikisa­yo zizoluthat­ha lokhetho.

Nento engiyifund­ile kozikalala banenkani bayadelela bazenzela umathanda uma ungezwani noma uphikisa uzuma usuke usugadlile.

Asikhishel­we lamakhanse­la abhedayo angakhethw­anga umphakathi ogwede Mantashe abeze bezolungis­a ngoba kwaxova bona no Zuma

 ?? ISITHOMBE NGABE: JUSTIN SULLIVAN ?? LESI sithombe sishiye izwe laseningiz­imu Afrika lishaqekil­e emuva kokudutshu­lwa ngamaphoyi­sa emlonyeni kuka-ona Dubula waseHout Bay, e-cape Town, obezihambe­la ngosuku lombhikish­o wabahlali basemjondo­lo yasemizamo Yethu ngolwesibi­li. Uphuthunyi­swe...
ISITHOMBE NGABE: JUSTIN SULLIVAN LESI sithombe sishiye izwe laseningiz­imu Afrika lishaqekil­e emuva kokudutshu­lwa ngamaphoyi­sa emlonyeni kuka-ona Dubula waseHout Bay, e-cape Town, obezihambe­la ngosuku lombhikish­o wabahlali basemjondo­lo yasemizamo Yethu ngolwesibi­li. Uphuthunyi­swe...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa