Igcwele inkohlakalo kukhongolose
MHLELI : Ngiyabonga ukungipha isikhala kwelakho elingashayi eceleni ake ngivele ngidlale ngamaqiniso namhlanje, kuyacaca ukuthi uma singeneme emasebeni sesizoya ezinkantolo manje ngoba kuyavela ukuthi abantu esibakhethayo kwizifunda nasezifundazweni nakuzwelonke into esibakhethela yona kabayenzi kunalokho basebenzisa amavolontiya kakhongolose angenalutho ukufeza izinhloso zabo
Icala ebelisenkantolo lakulesi sifundazwe, ebelimayelana nenkomfa yangonyaka wezi 2015 EPMB, lapho kwanqoba khona usihle Zikalala. Bathe uma bengena ozikalala baxosha kwasani eyayihamba nosenzo kwimisebenzi kahulumeni naye usenzo waxoshwa.
Baphinda bakha izifunda zemikokotelo baphinde futhi bafaka amakhansela ayengafunwa umphakathi okubalwa izindawo ezifana nofolweni ward 95, Mlazi 78,82,84,85,86 nakwezinye izindawo babefunza umphakathi ngenkani amakhansela, amalunga E-ANC ayengahambisani nobuholi buka Zikalala bancishwa ilungelo lokuba lizikhethele amakhansela kunalokho uzandile Gumede wayethumela amaphoyisa kamasipala ukuba ayoqapha ukwenzelelwa kwabantu abafunwa uyena ukuthi babe amakhansela ngoba benezivumelwano ezithize esizaziyo
Umuntu omubi kulento umengameli kaKhongolose umhlonishwa unxamalala ofuna ukuba kwenzeke intando yakhe kumbutho kakhongolose, akaphikiswa. Lento yokuthi icala lasekzn lize lixazululwe yinkantolo ngoba umsholozi wayekhona kwinkomfa akabubonanga yini ubuqhophololo? Njengo-ba wabikelwa yini ayenza?
Umsholozi ubaba ohlakaniphile kwaze kwadlulela, indaba kankosazana DlaminiZuma yasetshenzwa nguyena singanakile wathi akaphushelwe kwi AU kanti yena uyazi ukuthi uphushani namanje uzosiphushela kuyena futhi, ake ngibuze njengoba kwakune Nkosazana Zuma Commission ngo 2011 yaphelelaphi? Yini ayilungisa unkosazana? Kulento ka 10million emxhumanisa nombongeni Ngema yaphelelaphi?
Unkosazana Dlamini-zuma kangimazi kahle kodwa ngesikhathi ebizwe wukhozi FM ngabona ukuthi unenkani akazihloniphi izintatheli nomsebenzi wazo uyafana nse nozandile Gumede.
Njengoba ozandile nobheki Ntuli bencishe bonke abantu ababehamba nojames ubulunga babechaza ukuthini? Njengoba bakhipha nojames Nxumalo babecabanga ukuthini?
Uzandile Gumede njengoba walaxaza umbulelo Zulu kanye nabanye ababemlwela waze wathi akakhishwe uzulu ekubeni ngunobhala weward wayeqonde ukuthini? Umbulelo kakusiye lo owabasiza yaqala phansi ingqungquthela yetheku?
Abaholi esibakhethayo kabanandaba bazicabangela bona nemindeni yabo bese benza inkohlakalo egameni likakhongolose isigungu sikazwelonke kasinawo umsebenzi sikhohlakele sinenkohlakalo senza intando kazuma izinqumo ezifunwa umsholozi kuphela. Umsholozi uzicabangela yena nomndeni wakhe, kubi ngoba le nkohlakalo ilimaza igama le ANC.
Usihle Zikalala ubekahle kwafika uzuma wamfaka inkohlakalo wavele wonakala kakhulu, kayikho into esazolunga kulesi sifundazwe ngoba umsholozi uyena owayixova ngoba enenzondo nosenzo Mchunu.
Njengoba nasifunza ngamakhansela sesingaya yini nathi enkantolo? Engathi sekufike isikhathi manje ukuthi siye enkantolo okuphinde kuxake yilento eyenziwa yiANCYL KZN okuyiyona exova kakhulu yenza lento eyayenziwa umalema esadelela umbeki nayo yenza leyo nto kabalusizi ulusha lwase KZN kodwa bona bahamba ngezimoto eziphambili abantu abasha kabasebenzi kodwa bona balibele ukuyokhuluma izingisi ezinkulu emsakazweni .
Yini umsebenzi we ANCYL? Noma ake ngibuze kanje yini eseyenziwe yi-yl kulibele yangena ukushintsha izimpilo zabantu abasha? Thanduxolo uzithandela imali. Ake ngibuze ngobathabile Dlamini yini umsebenzi wakhe yini ayenzayo ukushintsha izimpilo zomama?
Kuphela babafuhlela ezinkantolo bayophikisana nama bail. Maningi namakhansela angamahlathi esingabala leli okuthiwa umamane Xulu wakwamashu ward 40 kanye nomelta Thandiwe Zuma ward 78 emlazi abangazi nokuthi lidumephi abazi ukudelela abavoti bakwakhongolose.
Akudedelwe abantu abafunwa wumphakathi manje ezikhundleni ukhongolose ukuze uwine uma bengakwenzi lokho ngo 2019 izinhlangano eziphikisayo zizoluthatha lokhetho.
Nento engiyifundile kozikalala banenkani bayadelela bazenzela umathanda uma ungezwani noma uphikisa uzuma usuke usugadlile.
Asikhishelwe lamakhansela abhedayo angakhethwanga umphakathi ogwede Mantashe abeze bezolungisa ngoba kwaxova bona no Zuma