Ilanga Lempelasonto

MAKUPHENYW­E IZIBHAMU EZIPHATHWA NGABAQAPHI BABAHOLI

- Incwadi ibhalwe ngumnu. Victor Dladla Ongumsakaz­i Wezindaba ZEIFP ethekwini District

MHLELI: Kwelakho elihamba phambili bengicela ungiphe isikhala ekhasini lakho lemibono ngisike elijikayo ngokungena­mi kakhulu ngendaba yohlobo lwesibhamu esitholaka­le siphethwe yilabo ebebengaba­qaphi bomholi kakhongolo­se ethekwini. Ngithi angikusho ukuthi kunzima kakhulu ukuba sivele sikhohlwe ukuthi yilesi kuphela isibhamu esikhona salolu hlobo, ngakhoke sifisa kubekhona uphenyo oluzoveza ngokuphele­le ukuthi bonke abaqaphi baphethe izibhamu okufanelek­ile na ukuba baziphathe.

Kusiphatha kabi kakhulu lokhu esikubonil­e kule vidiyo kanye nenkulumo yabo ukuthi ngabe ibibhekisw­e kubani. Okwenza sinyukelwe ngamaphaph­u ngale ndaba ukuthi sezibening­i izigameko zokufa kwabantu kanye nabaholi kodwa kunabantu abatholaka­la nalolu hlobo lwesibhamu okwazeka ukuthi kaluvumele­kile kuleli.

Njengeqemb­u lenkatha ethekwini sifisa kube khona uphenyo olunzulu ngisho nakuye umholi, unobhala wethekwini ubheki Ntuli KU-ANC ebekade bemqaphile, ukuthi kuba kanjani yena agadwe ngabantu abaphatha izibhamu zalolu hlobo. Okunye esifisa ukukwazi ukuthi kanti ukugadwa sekuqala kusiphi isigaba sobuholi ngoba lokhu sikubona kungukumos­ha imali yabakhokhi intela ukuthi sekuzogadw­a noma ubani.

Lezi bhamu kufanele ziphenywe ukubona ukuthi kakukho yini lapho zibandanye­ka khona ekubulawen­i kwabantu nokuthi zifike kanjani. Okunye kufanele kube khona uphenyo oluzopheny­a bonke abaqaphi noma ngabe abaqapha abaholi ukuqinisek­isa ukuthi abantu kakukho ukukhohlak­ala abakwenzay­o. Lokhu kusenza sicabange nokuthi kusho ukuthi bakhona nabanye abaqaphi beANC abaphatha izibhamu ezingavume­lekile kodwa bazifihlil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa