Ele-uefa kowe-arrows nosuthu
Umgadli wenza isethembiso esinzima kubalandeli
UMDLALI welamontville Golden Arrows osezakhele udumo ebholeni laseNingizimu Afrika ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi usongela omkhaya Amazulu FC asanda kushaya ibuya kwi-absa Premiership.
Abafana Bes’thende bazodudulana nosuthu kowe-absa Premiership namuhla ngesonto ngo-15h00 eprincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola kwazise la makilabhu kudume ukuthi kawahoshelani kahle yize engomkhaya.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesizini eyedlule i-arrows igudluze usuthu emagogo, lwagcina seludlala imidlalo yalo yasekhaya eking Zwelithini Stadium, emlazi.
Unduduzo “Sulu” Sibiya odlala esiswini kwi-arrows, uthi usuthu malukhohlwe ngamaphuzu alo mdlalo, maluzitshele nje ukuthi luzonikela ngawo.
“Emuva kokuba sihlule izingqwele zeligi ibidvest Wits ngo-31 ngolwesithathu imimoya iphezulu, sizizwa singahlula noma iyiphi ikilabhu esizobhekana nayo.
Amazulu ngiyawadabukela, afike kabi sifuna ukujabulisa abalandeli bethu ngokubanika amaphuzu agcwele okokuqala sisekhaya.
“Ngeke sikwazi ukuhlulwa ngamazulu ekhaya, lokho sizokulwela. Akukho okungako esikwaziyo ngawo futhi kasinandaba nalokho, engikushoyo nje wukuthi sizobadla lokho kangikungabazi.
Ngicela abathandi bebhola baphume ngobuningi babo ukuzobuka lo mdlalo ngoba uzokuba seqophelweni eliphezulu futhi uzokuba nenqwaba yamagoli esizokube siwahlohla enethini yosuthu.
“Uma abantu belibonile igoli engilishaye kwiwits bazokwazi ukuthi ngikhuluma ngani, wuhlobo olunjeya abazolubona kulo mdlalo wosuthu.
"Yigoli le-uefa Champions League leli engilishaye kwiwits abalandeli bethu bazophinde balibone bukhoma nakulo mdlalo wamazulu,” kusho usibiya ehleka.
Ucavin Johnson ocija usuthu, uthi bazokhuluma ngebhola enkundleni.
“I-arrows idlala kahle impela futhi silindele umdlalo onzima kuyona kodwa kangifuni ukwanda kakhulu ngengevu ngoba ibhola liyakushaqisa.
"Kulo mdlalo sizokuya sihlomile futhi siyolwela amaphuzu amathathu hhayi okungaphansi kwalokho,” kusho ujohnson ezakhe ezithole ukuphefumula zithola iphuzu sekuvalwe amehlo ngoLwesibili ebusuku zibhekene nemariztburg United emdlalweni ophele kungu-1-1 eking Zwelithini Stadium, emlazi.
Kulo mdlalo usuthu lulanyule- lwe yigoli likamhlengi Cele alibhakuzise enethini sekuvalwe amehlo.