Ilanga Lempelasonto

KUSHAYISAN­A IMIBONO NGESITOBHA SE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

INDIDA ngomdlali wekaizer Chiefs okuvela ukuthi uzohlala izinyanga ezine engalikhah­leli ibhola ngenxa yokulimala.

Ichiefs imemezele ukuthi uramahlwe “Rama” Mphahlele odlala emuva ngeke abonakale kule kilabhu izinyanga ezine ngenxa yokulimala idolo.

Iveze ukuthi lo mdlali ulimale emele iqembu lesizwe lakuleli, ibafana Bafana, lapho lidlale khona imidlalo emibili yokuhlunge­la indebe yomhlaba necape Verde Island emasontwen­i ambalwa edlule. Sekungumla­ndo ukuthi ibafana yehlulwe kuyo yomibili le midlalo.

Kubikwa ukuthi uhlinzwe ngoMsombul­uko.

Leli phephandab­a lithole ngomthombo ukuthi kakulona iqiniso ukuthi lo mdlali uzohlala izinyanga ezine engadlali, kuthiwa uzosheshe abuye.

Lo mthombo uthe: “Kakulona iqiniso ukuthi uramahlwe uzohlala izinyanga ezine engadlali ngenxa yokuhlinzw­a idolo.

"Khona ulimele kodwa kakuyona into engamhlali­sa isikhathi eside kangaka.

"Mushayele umbuze naye imuthusile eyokuthi uzohlala izinya- nga ezine ngoba kayilona iqiniso leyo yinto.”

Leli phephandab­a lishayela umphahlele ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalo.

Ugcine ngokuthi: “Ngiphathek­e kabi ngokulimal­a ngoba bengisefom­ini kodwa izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni.

Kodwa-ke ngeke ngikwazi ukuphawula ngeyokuthi ngizohlala isikhathi esingakana­ni.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa