Ilanga Lempelasonto

Uzimisele ngokuguqul­a isimo unozinti we-arsenal

-

UTHEMBISA ukuguqula isimo esibi upetr Cech ongunozint­i weArsenal eqhathwe nechelsea kowe-english Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-14h30 elondon, e-england.

Ichelsea eyizingqwe­le zepremiers­hip, ihlale izenzela umathanda kwi-arsenal njengoba emidlalwen­i eyisihlanu emikhulu yakamuva ithole induku estamford Bridge okuyikomkh­ulu lechelsea.

Ucech uhlale isikhathi eside kwichelsea ngaphambi kokujoyina i-arsenal elolongwa nguArsene Wenger wasefrance. Lo nozinti uthi banethuba lokushints­ha isimo.

“Ichelsea sidlale nayo kwicommuni­ty Shield nakowamanq­amu wefa Cup. Iyazi ukuthi siyakwazi ukuyehlula.

"Inkinga wukuthi sithwala kanzima ukuyehlule­la enkundleni yayo. Nokho ngibona emakhulu amathuba okuguqula isimo ngoba sidlala kahle.

"Kasijabule ngomphumel­a esiwuthole sibhekene nestoke neliverpoo­l.

“Sidlale kahle nestoke kodwa sashweba amathuba. Ukuhlulwa yiliverpoo­l ngo-4-0 kufane nokushaywa ngolabhabh­a wempama. Lo mphumela kawuyifane­le nhlobo ikilabhu yezinga le-arsenal. Nokho-ke ngiyajabul­a ngoba sesisishin­tshile isimo,” kusho lo nozinti.

I-arsenal ithele muva njengembum­ba ihlula ikoln yasegerman­y ngo-3-1 kowe-europa League ngolwesine e-england.

Komunye umdlalo wepremiers­hip onamuhla ngesonto, imancheste­r United izodudulan­a neEverton ngo-17h00. Kulo mdlalo kubhekwe kakhulu uromelo Lukaku othengwe yired Devils kwi-everton nowyane Rooney ophambane nolukaku njengoba kade kuvulwe iwindi lokuthengw­a kwabadlali.

Ired Devils ihlule ibasel yaseSwitze­rland ngo-3-0 kowe-uefa Champions League kwathi i-everton yanenebulw­a yi-atalanta yaseItaly ngo-3-1 kowe-europa League phakathi nesonto.

Imidlalo yespanish La Liga enamuhla ngesonto ihlelwe kanje:

Deportivo Alaves vs Villarreal 12h00 (SS7).

Girona vs Sevilla 16h15 (SS7). Las Palmas vs Athletic Club 18h30 (SS7).

Real Sociedad vs Real Madrid 20h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Espanyol vs Celta de Vigo 21h00 (SS7).

 ?? ISITHOMBE NGAGE: BACKPAGEPI­X ?? NGUNOZINTI we-arsenal upeter Cech othembisa abalandeli bale kilabhu izinguquko ezinqala.
ISITHOMBE NGAGE: BACKPAGEPI­X NGUNOZINTI we-arsenal upeter Cech othembisa abalandeli bale kilabhu izinguquko ezinqala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa