Ilanga Lempelasonto

Kuyancomek­a okwenziwa ngufadlu

- PHILANI NCALANE

UYANCOMEKA umsebenzi ka-fadlu Davids ongumqeqes­hi wemaritzbu­rg United okuyisizin­i yakhe yokuqala eqashwe ngokugcwel­e njengomqeq­eshi oyinhloko.

Abaqeqeshi abaningi bajwayele ukushaya udaka uma besafika ekilabhini bavike ngokuthi basabumba kabusha ikilabhu. Udavids usekhombis­e kaningi ukuthi unolwazi olujulile ngonobhuts­huzwayo. Njalo uma ebanjiswa izintambo ububonakal­a ngokushesh­a umehluko kwiteam of Choice abengumgad­li wayo phambilini.

Lo mqeqeshi uthathe lo msebenzi kuroger De Sa omhlule ingcaca.

Udavids akumthatha­nga isikhathi eside ukulungisa umonakalo omkhulu obudalwe ngude Sa kule kilabhu eholwa ngufarook Kadodia. Kuthusile ukuthi udavids uqhube le kilabhu waze wayifaka kwi-top 8 okuyenze yadlala kwimtn8 kule sizini.

Udavids uqhubekile nomsebenzi omuhle wangesizin­i edlule njengoba eqhube le kilabhu yangena kuma-semi Final EMTN8 abakhishwe kuyona yisuperspo­rt United ngeledlule.

Akuyona into encane ukuthi iteam of Choice ikhiphe imamelodi Sundowns kulo mqhudelwan­o ekuhambeni.

Le kilabhu isayibambe ngakho nasemidlal­weni ye-absa Premiershi­p njengoba isithole amaphuzu ayisishiya­galombili emidlalwen­i emine. Iyinqobe yomibili imidlalo yokuvula isizini yase idlala ngokulinga­na kwemibili yakamuva. Ngolwesihl­anu ithole iphuzu ibhekene ne-orlando Pirates eharry Gwala. Yize luselude ukhalo kodwa kumqoka ukuthi anconywe udavids ngomsebenz­i omuhle awenzayo. Omunye umuntu osekhombis­e kaningi ukuthi akafunisel­i ngomsebenz­i wakhe ngumilutin “Micho” Sredojevic waseserbia ololonga ibucs.

Lo mqeqeshi wethulwe sekusele kancane ukuba kuqale isizini kodwa usekwazile ukuletha uzinzo kule kilabhu.

Ufike waqunga isibindi waqhelisa kwasani ebhentshin­i walanda urulani Mokwena obengumsiz­i kapitso Mosimane ololonga imamelodi Sundowns.

Lo mqeqeshi kuthiwa ukubeke kwacaca ukuthi akafuni kube khona isikhulu sekilabhu esigxambul­eka emsebenzin­i wakhe. Phela kwibucs kuwumkhuba osujwayele­kile ukuthi abaqeqeshi babalise ngokuthath­elwa yizikhulu ezithile izinqumo.

Ukjell Jonevret wasesweden ukhale isililo esifanayo ngemuva kokuhlukan­a nale kilabhu. Uthe ubeqala emlandweni ukusebenza ekilabhini enokugxamb­ukela emsebenzin­i womqeqeshi.

Umicho akalokhu ebika izaba zokuthi usanda kufika kule kilabhu njengoba ebukeka eyibambe ngakho.

Le kilabhu kayikehlul­wa selokhu kuqale isizini njengoba ihlule ichippa United ngo-1-0 yabambana nebaroka kuba ngu-11 yase ihlula i-ajax Cape Town ngo-1-0 njengoba idlale ngokulinga­na neteam of Choice kuba ngu0-0 ngolwesihl­anu.

Omunye umqeqeshi ikakhuluka- zi kwabakulel­i ngabe usalokhu ebalisa ngokuthi yima esazama ukugxilisa isitayela sakhe kubadlali. Indlela enza ngayo umicho iyakhombis­a ukuthi abaqeqeshi baphesheya kwezilwand­le bahleleke kangcono kakhulu kunabakule­li.

Umqeqeshi osezingeni eliphezulu uyakwazi ukusebenza ngabadlali bezinga eliphansi bamnqobele izinkomish­i.

Ngikhumbul­a ngoba ustuart Baxter ushiye kwikaizer Chiefs inqobe i-absa Premiershi­p NEMTN 8 yize ebenabadla­li abambalwa bezinga eliphezulu. Nokho-ke kangithand­i ukungena ngigxile ekutheni usteve Komphela ongene ezicathulw­eni zikabaxter uya-hluleka ukusebenzi­sa abadlali anabo ukunqobela le kilabhu izinkomish­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa