Ilanga Lempelasonto

Usinde ezembeni UGC

EZOSAZIWAY­O: Bathi ubengazifu­ni izimfundam­akhwela

- THANDI ZONDI tzondi@ilanganews.co.za

UKUZIPHATH­A kwakhe emdlalweni kubikwa ukuthi kumdalele amazinyo abushelele­zi ukhaya Dladla, olingisa indawo kagc kuzalo, olukhonjis­wa KWISABC 1 ngo-20h30 kusuka ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu. Kubikwa ukuthi indlela engeyinhle abeseziphe­the ngayo kulo mdlalo imenze wacishe wadliwa yizembe.

KUBIKWA ukuthi usinde esezodliwa yizembe umlingisi odumile emdlalweni kamabonaku­de, olandelwa yizinkumbi zababuleki eningizimu Afrika.

ILANGA Langesonto lipotsho- zelwe yimithombo yalo engaphakat­hi emdlalweni uzalo, olukhonjis­wa KWISABC 1 phakathi nezinsuku, ukuthi ukhaya Dladla, olingisa UGC bese bemchitha aboZalo.

Ngokusho kwalo mthombo, indlela abebezomch­itha ngayo UGC wukuqeda indima yakhe ngandlela thile emdlalweni.

Umthombo uthi lo mlingisi usindiswe wukuncenge­lwa ngabesabc njengoba kwaziwa ukuthi lo mlingisi ungomunye wabathandw­ayo kulo mdlalo.

“Bebemfuna ehambile abozalo kodwa wavikelwa yisiteshi,” kulanda umthombo.

Lo mthombo uthi obekucika abozalo ngalo mlingisi wukuthi ubesengenw­e wumkhuba wokuzikhet­hela ukuthi yibaphi abadlali afuna ukulingisa nabo.

“Ubefuna abantu abangeke baze behlise umfutho wakhe, efuna umuntu osezingeni elilingana nelakhe ekulingise­ni, hhayi imfundamak­hwela,” kuqhuba lo mthombo.

Umthombo uthi futhi naye UGC uke wasikaza ukushiya kulo mdlalo ngoba esebona ukuthi abozalo kabasamphe­the kahle. Kuthiwa futhi ubenganeme nangeholo lakhe.

Ngaphandle kukagc, kubikwa ukuthi omunye umlingisi oqavile ohlela ukuwulaxaz­a phansi lo mdlalo, nguthandek­a Dawn King ongumangco­bo emdlalweni.

Omunye umthombo upotshozel­e leli phephandab­a ukuthi uthandeka usadlala amadayisi, ucabangisi­sa kahle isinqumo sokushiya.

Umthombo uthi udawn ungumuntu odinga ukuqondwa indlela ayiyo njengoba engumuntu owangenwa yidlozi.

Nokho bobabili laba balingisi bebuzwa yileli phephandab­a bathi yonke le mibiko ingamampun­ge. Ekhuluma NELANGA

Langesonto ukhaya, uthe akazi ukuthi aqhamukaph­i amahlebezi okuthi ubefuna ukuhamba.

“Angazi ukuthi abantu bazweni ngami. Mina kade ngagcina emsebenzin­i, okwamanje ngisaziphu­mulele,” kusho yena.

Ebuzwa ngamahlebe­zi okuthi akeneme ngeholo lakhe kulo mdlalo, ucele ukuba kuthintwe okhulumela uzalo ngoba akasazimis­ele ukukhuluma okungaphez­u kwalokhu asekushilo.

Uthandeka Dawn King yena eziphendul­ela uthe: “Angikahamb­i kuzalo. Uma kwenzeka ngishiya ngizokwazi­sa wonke umuntu, kodwa okwamanje ngisathoko­zile ngokuba yingxenye yalo futhi ngiyabuya kwi- season elandelayo,” kuphetha yena.

Ukoketso Phala okhulumela uzalo, kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engazange abuyele entathelin­i njengokwes­ethembiso.

Bebemfuna ehambile, usindiswe ngabesabc ngoba bethi uyathandwa.

 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ??
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA
 ?? ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA ?? UTHANDEKA Dawn King uyayichith­a imibiko yokuthi uphezu kwezinhlel­o zokulushiy­a phansi uzalo.
ISITHOMBE: INQOLOBANE YELANGA UTHANDEKA Dawn King uyayichith­a imibiko yokuthi uphezu kwezinhlel­o zokulushiy­a phansi uzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa