Ilanga Lempelasonto

"Udinga ukwesekwa udkt Makhosi Khoza"

Uyayiphika eyokuyojoy­ina IDA

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

UDKT Makhosi Khoza, osematheni kulezi zinsuku ngemuva kokwesula kwi-african National Congress (ANC), udinga ukwesekwa ngabantu baseningiz­imu Afrika nangabahol­i beANC.

Lokhu kushiwo ngunkk Barbara Masekela oyilungu elingumaka­debona LE-ANC. Unkk Masekela uke waba yilungu lesigungu esiphezulu SE-ANC nenxusa leningizim­u Afrika e-united States of America (USA).

Ukholwa wukuthi udkt Khoza usesimeni esingesihl­e, udinga ukwesekwa nokusingat­hwa - uthi njengamanj­e udinga ukukhutha- zwa.

“Umakhosi nabanye abantu badinga ukwazi ukuthi akayedwa, nokuthi kukhona abanaye abamesekay­o," kusho unkk Masekela.

Uthi ucabanga ukuthi umuntu obe kwi-anc kusukela ezalwa bese ethatha isinqumo esikhulu kangaka sokushiya inhlangano lowo muntu usendaweni lapho ezizwa eyedwa, engenamunt­u.

Udkt Khoza umemezele ukuthi usesulile kwi-anc ngolwesine. Ukushiya kwakhe kulandela ukuphumela kwakhe obala ngomuzwa wokuthi umengameli Jacob Zuma kufanele aphume esikhundle­ni.

Ngemuva kokukhulum­a kwakhe esidlangal­eni egxeka I-ANC kulandele izinsongo, esa- tshiswa nangokufa.

Omakadebon­a bale nhlangano, okubalwa kubo nomnu Frank Chikane, wunkk Albertina Luthuli, wutrevor Manuel, esitatimen­deni abasikhiph­ile ngemuva kokwesula kukadkt Khoza, bathi nakuba besiqonda isinqumo sakhe kodwa bakholwa wukuthi akusona isinqumo esifanele futhi kufanele asicabangi­sise.

Kuke kwasabalal­a amahlebezi athi udkt Khoza uzojoyina idemocrati­c Alliance (DA) kodwa yena uyakuchith­a lokho, uthi ngeke nje aze ajoyine IDA ngoba akahambisa­ni nezinkambi­so zayo.

Uthe uhlela ukusebenzi­sana nezinhlang­ano zomphakath­i ezilwa nenkohlaka­lo.

editor@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE ?? Udkt Makhosi Khoza uthi akayi kwidemocra­tic Alliance kodwa uzosebenzi­sana nezinhlang­ano zomphakath­i.
ISITHOMBE NGABE: YOUTUBE Udkt Makhosi Khoza uthi akayi kwidemocra­tic Alliance kodwa uzosebenzi­sana nezinhlang­ano zomphakath­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa