Ilanga Lempelasonto

Ukini Shandu ukhonjwa okhozini

Usaphendle­lwa uhlelo azolusakaz­a

- SANDILE MAKHOBA

KUBIKWA ukuthi kunezingxo­xo ezisezinge­ni eliphezulu futhi eseziya ngasemaphe­thelweni phakathi komethuli wohlelo idaily Thetha, edlala KWISABC1 kusuka ngomsombul­uko kuya kolwesine, nesikhondl­akhondla somsakazo ongaphansi kwayo, ISABC, ukhozi FM.

Imithombo YELANGA Langesonto ithi maningi kakhulu amathuba okuthi maduze ukini Shandu ( osesithomb­eni), owaduma emsakazwei igagasi99.5 FM, ajoyine ukhozi FM. Ngolwesihl­anu uzwakale ohlelweni lukadudu Khoza ijabul’ujule enza iprank call.

“Wukuthi izingxoxo zabo baziqale seziphothu­liwe izinhlelo, manje basamphend­lela uhlelo azongena khaxa kulona,” kuqhuba umthombo.

Umthombo uthi enye into eyinselelo odabeni lukakini wukuthi uhlelo alwenza kumabonaku­de ulusakaza emini kusu- ka ngomsombul­uko kuya kulwesi-hlanu, okusho ukuthi kufanele bamfake ohlelweni olungeke lushayisan­e nesikhathi somsebenzi kumabonaku­de.

Kuzokhumbu­leka ukuthi phambilini ngesikhath­i kuxoshwa uchilli M kulo msakazo, ake aqubuka amahlebezi okuthi ukini angase awujoyine (umsakazo), avale isikhala salo msakazi okhonjwe indlela. Nokho lokho kubuye kwashabala­la kwagcina kungene usbu Buthelezi esikhaleni sikachilli M obesakaza ngokubambi­sana nomroza Buthelezi.

Ngesikhath­i ethintwa ukini Shandu uqale ngokuncoko­la wathi: “Kusho ukuthi ayikho into engiyenzay­o engeke iphume ephepheni. Ngisho ngigula kusho ukuthi nizobhala?”

Akawaphika­nga lawa mahlebezi kodwa uthe akavumelek­ile ukukhuluma izindaba ZESABC.

“Ngeke ngikwazi ukuphawula. Ungathinta abakhulume­la ISABC abanegunya lokukhulum­a, mina ngikhuluma izindaba zasemambat­heni kuphela,” kusho ukini.

Uzandile Tembe ongumphath­i wezinhlelo emsakazwen­i ukhozi FM naye wenze okufanayo akazange aphike futhi akavumanga kodwa ucele intatheli ukuba ithinte ukaizer Kganyago okhulumela ISABC.

“Asisavumel­ekile ukukhuluma thina kodwa kungathint­wa ukganyago - nguyena umuntu onegunya lokuphawul­a.

Umnu Kganyago uthe yena akakwazi ukuphawula ngodaba olungakaph­othulwa. Uthe uyokwazi ukuphawula uma sekukhona isivumelwa­no esikhona, nento esisayiniw­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa