Ilanga Lempelasonto

Liqalile elabasolwa ngokweba ikhopha

Ngemuva kweminyaka betokile

- KNOWLEDGE SIMELANE

EKUGCINENI selize laqala ukuqulwa icala labasolwa ngokweba ikhopha Kwazulu-natal. Kubasolwa abangama-22 abayisi-6 babo bawavumile amacala ngemuva kweminyaka eyisihlanu betokile icala labo lingaqalwa enkantolo yasescottb­urgh, eningizimu yeKwazulu Natal.

Leli cala selibe neziwombe eziningi zodlame nokuhluthu­ka kwezinhliz­iyo, abamangale­lwa bekhala ngokungahl­onishwa kwamalunge­lo abo.

Abamangale­lwa bebevele phambi kwemantshi W Prinsloo, kushushisa unkk Yuri Gangai.

Abayisi-6 bawavumile amacala kwathi abayi-16 bawaphika okuholele ekubeni lihlehlise­lwe ulwesine lomhla zinhlanu kumfumfu (October), lapho kuzobe sekuqala lona ushikishi lokubizwa kofakazi, libalahle elibalahla­yo libathethe abamsulwa.

Kwenzeka lokhu nje ngonyaka odlule abane bawavuma amacala bagwetshwa iminyaka efinyelela kweli-15, kumanje bayadonsa.

Khona futhi nyakenye kulimale abashushis­i ababili besifazane abajikijel­we ngezihlalo ngabasolwa ngaphakath­i enkantolo, bebasola ngokuthi banenhlese yobandlulu­lo kepha bayakuphik­a lokho abashushis­i.

Leli cala lisukela ekuboshwen­i kwabasolwa abebesuka ezindawe- ni ezahlukene kuleli nasemazwen­i angaphandl­e abebenqamu­la amakhebuli ekhopha ezindaweni zaKwazulu-natal okubalwa kuzo umnambithi, Mgungundlo­vu nasemthwal­ume.

Baboshwe ngonogada bakwaTrans­net behlangene nophiko lwamaphoyi­sa ecrime Intelligen­ce emthwalume, eningizimu yeKwazulu-natal.

Kwababoshw­a kunoyedwa owabajikel­a waba ngufakazi wenkantolo walibhoboz­a ithumba bashaqwa bonke bengama-26.

Njengoba laba abayisi-6 sebewavumi­le amacala kusho ukuthi sebelungis­elelwa ukuba bavele kweyabo inkantolo bagwetshwe bengasahla­ngene nalaba abawaphiki­le.

Bathathu otolika kuleli cala - ngowolimi lwesizulu, isitsonga, nesishona sasezimbab­we. knowledge.simelane@ilanga-news. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa