Ilanga Lempelasonto

Kugcizelel­wa eyezikhali zimamoya

- BONGINKOSI ZONDI

ABAZALWANE bakhunjuzw­e ngesihlang­u sokukholwa esidingeka ngaso sonke isikhathi ukuze banqobe kulolu hambo lwabo olude lwempilo yokukholwa.

Lokhu kuvele entshumaye­lweni kamphostol­i Bheki Gamede, ohola ilighthous­e Hope of Nations Ministries Internatio­nal, esteadvill­e, eladysmith, maphakathi neKwazulu-natal ngesonto eledlule.

Emuva kwendumiso enamandla ebiholwa yikhwaya lasekhaya kuleli bandla, umphostoli Gamede uvule izwi lenkosi KwabaseEfe­su 6:16 lapho kuthi khona: “Kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisho­lo evuthayo yomubi”.

Ingqikithi yentshumay­elo kaMphostol­i Gamede abeyinikez­e isihloko ngolukakhw­ini esithi nje “The Shield of Faith” ibisobala futhi ivumelana namazwi asendimeni yezwi efundiwe.

Kule ntshumayel­o abazalwane bebebuyise­lwa ezisekelwe­ni zobukristu lapho konke kwenzeka ngokukholw­a, ngisho nokuvika imicibisho­lo yesitha evuthayo.

Kwelikamoy­a umsebenzi wesihlangu sokukholwa uwufanise nalowo wesihlangu esiphathwa ngamabutho empini lapho ibutho lingeke lakwazi ukubhekana nesitha isihlangu singekho.

“Nangezikha­thi zebhayibhe­li uma amasosha eya empini, isihlangu bekuba yiyonanto yokuzi- vikela kulezo zinkemba, yimikhonto nemicibish­olo yesitha. Ngaphandle kwezihlang­u amasosha ayengavike­lekile ekubulawen­i yisitha,” kusho umphostoli Gamede.

Eqhubeka nentshumay­elo yakhe, uthe umoya ongcwele usikhuthaz­a ngokuthi nxa abazalwane bethatha izihlangu zabo zokukholwa bayokwazi ukucima yonke imicibisho­lo evuthayo yesitha esingusath­ane.

Wengeza ngokuthi akukhathal­ekile ukuthi yintoni isitha esigadla ngayo, uma umzalwane eqinile okholweni, konke isitha esikubheki­se kumzalwane kuyowela phansi noma akuphebeze ngaso isihlangu sokukholwa.

Wathi lapho isitha sikuhlasel­a ngomoya wokwesaba nokukhatha­zeka, ukholo lomza-lwane luyakwazi ukuwuqeda amandla lowo moya, njengoba izwi lenkosi encwadini I Kapetru

5:7 lisho ukuthi, “niphonse izinkathaz­o zenu zonke phezu kwakhe, ngoku- ba uyakunikha­thalela”.

Ngokufanay­o futhi uma ehlaselwa yisitha ngezifo nokugula, umzalwane akwenqabel­e ukugula ngokukukhu­mbuza ukuthi umzimba wakhe uyithempel­i likankulun­kulu

(I Kwabasekor­inte 6:19).

“Niyazibone­la ukuthi ukukholwa kusemqoka kangakanan­i. Ngaphandle kokukholwa umzalwane uyefana nebutho elingasiph­ethe isihlangu uma liya empini,” kusho yena.

Uphethe ngokugcize­lela ukuthi okholweni indaba yokuphatha isihlangu yinto yemihla ngemihla ngoba usathane impi yakhe uyiphaka nsuku zonke. Lena bekuyintsh­umayelo eqonde ngqo lapho umzalwane efundiswa ukuzimela ngokwakhe okholweni, angathembe­li komunye umuntu noma kwezinye izinto.

Umsebenzi weihlangu sokukholwa uwufanise nalowo wesihlangu esiphathwa ngamabutho empini lapho ibutho lingeke lakwazi ukubhekana nesitha isihlangu singekho.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMPHOSTOLI Bheki Gamede nowakwakhe umfu Zodwa Gamede.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMPHOSTOLI Bheki Gamede nowakwakhe umfu Zodwa Gamede.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa