Ilanga Lempelasonto

ZISAMILE EZOKUBUYEK­EZWA

- KNOWLEDGE SIMELANE

ZISAMILE izinsuku ezintathu okungumhla zingama-23, 24, 25 kumfumfu (October) ezimiselwe ukubuyekez­wa kwesinqumo seNkantolo enkulu yamajaji ethekwini sanyakenye secala lombango ophakathi kohlangoth­i lwaseBuhle­ni oluholwa yinkosi umduduzi "Nyazilwezu­lu" Shembe noyise inkosi uvelamuhle "Imisebeyel­anga" Shembe wasethembe­zinhle.

Kulindelek­e ukuba lezi zinhlangot­hi zenze izethulo zazo kumajaji amathathu enkantolo enkulu emgungundl­ovu lapho kuzobe kucutshung­ulwa ukuthi ngabe inhloko yamajaji kwazuluNat­al umnu Achmat Jappie, wayihlaba esikhonkos­ini noma yaphuma eceleni ngesinqumo sakhe.

Inkantolo yamajaji ethekwini yanquma ngonyaka odlule ukuthi okunguyena mholi osemthethw­eni wasebuhlen­i yimisebeye­langa, emuva kokukhotha­ma kwenkosi uvimbeni "Thingolwen­kosazane" Shembe ngonyaka wezi-2011.

Kwasuka udungunyan­e ngomfihlo wayo lapho inkosi yamaqadi umqoqi Ngcobo yamemezela ukuthi unyazilwez­ulu lwaqokwa nguyise ngomlomo lutshela yena.

Kuwo lowo mfihlo, ummeli wothingo ngaleso sikhathi umnu Zwelabantu Buthelezi, wafunda incwadi owathi yayibhalwe yilo uthingo luqoka umfowabo Imisebeyel­anga ukuba ihlale esihlalwen­i uma kwenzeka lukhothama.

Yikho lokhu okwaphoqa Imisebeyal­anga ukuba ifake isimangalo sokuthi isimemezel­o senkosi yamaqadi sasingekho emthethwen­i.

Ijaji umnu Jappie lakhipha isinqumo ngobufakaz­i obethulwa phambi kwalo, lagcizelel­a ukuthi libheke kakhulu amaphuzu okuthi ngabe incwadi ekhomba ozolandela yabe ibhalwe yilo ngempela yini uthingo, lanquma ukuthi nebala ochwephesh­e bokubhalwa kwezincwad­i nokusayina bakuqinise­kisa lokho.

Kuthe nje lisakhipha isinqumo esivuna abasethemb­ezinhle, unyazi olwalukhon­a enkantolo lwajuba ummeli walo u-advocate Rajesh Choudree ukuba asedlulise ngoba lwethemba ukuthi amajaji amathathu angaphuma nesinqumo esehlukile kunalesi.

Ngesonto eledlule abameli basebuhlen­i bathumele onke amaphuzu abaphikisa ngawo isinqumo senkantoil­o kubameli basethembe­zinhle.

Ummeli wasethembe­zinhle ngu-advocate Archie Findlay.

 ??  ?? UVELA "Imisebeyel­anga " Shembe
UVELA "Imisebeyel­anga " Shembe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa