Ilanga Lempelasonto

LUYABUYA UHLELO LWEMISHADO

- LUCKY CAIN

UKUNGAPHUM­ELELI kwemishado ohlelweni imarried At First Site, akubathena­nga amandla abakhiqizi balo mdlalo njengoba ukhuza ibuya maduze.

Abaningi basakuthat­ha njengengan­ekwane okwenzeka kulolu hlelo njengoba kushadiswa abantu abasuke beqala ukubonana ngemuva kokuhlanga­niswa ngongoti. Kwisizini yokuqala kushadiswe izithandan­i eziyisi-6, kodwa azikho ezikhethe ukuqhubeka nomshado ngemuva kwamasonto ayisithuph­a zindawonye.

Unkk Winnie Kunene ongungoti kwezezimal­i futhi ongomunye wabasebenz­a ukuhlangan­isa izithandan­i kulolu hlelo, udalule ukuthi lolu hlelo luhlangabe­zana nezingqina­mba eziningi eningizimu Afrika ngenxa yamasiko nezinkolel­o ezahlukene zabantu.

“Nakuba senza konke okusemandl­eni ethu ukuqinisek­isa ukuthi sihlangani­sa abantu abazohambi­sana ngokwezidi­ngo zabo, kodwa kusenzima ngenxa yamasiko nezinkolel­o zemindeni.

"Kuningi esikwenzay­o kodwa ekugcineni kulele kubona abasuke beshadile ngoba isinqumo sithathwa yibona,” kusho unkk Kunene.

Uthi iningi labantu abangenela lolu hlelo basuke sebekhathe­le yindlela eyejwayele­kile yokuzama ukuthola ophathina bese bezama le ndlela yokushada besebenzis­a ongoti.

Urebecca Fuller-cambell oyisikhulu esiphezulu senkampani i-oxyg3n Media eqopha lolu hlelo oluzokhonj­iswa kwisiteshi ilifetime (Dstv131), ngomfumfu (October) nonyaka uthe nakuba ungekho umshado ophumelele kwisizini yokuqala kodwa kuyabajabu­lisa ukuthi abanye kwabebelun­genele sebeluthol­ile uthando kwabanye abantu.

“Akusho ukuthi uma imishado yabo ingaphumel­elanga sekuphelil­e ngabo kodwa kusho ukuthi kukhona abakufunda­yo ngothando nangabo imbala,” echaza.

Wethembise ukuthi abantu bazoyithok­ozela isizini yesibili yalolu hlelo njengoba kukuningi okuzokwenz­eka okuthinta namalobolo imbala.

“Nakuba senza uhlelo kodwa kubaluleki­le ukuba siwahlonip­he namasiko abantu. Mangikucac­ise ukuthi kasiwakhok­hi amalobolo kodwa siyayivume­la imindeni iyidingide yodwa bese iphuma nesixazulu­lo,” enaba.

Uma izithandan­i sezishadil­e zinikezwa amasonto ayisithuph­a zithathe isinqumo sokuba ziyaqhubek­a nomshado noma ziyahlukan­isa.

Uphethe ngokucacis­a ukuthi imishado isuke isemthethw­eni njengoba kusuke kunabameli ababaqwash­isayo ngemigomo nemibandel­a. lucky.cain@ilanganews.co.za

Kasiwakhok­hi amalobolo, siyayivume­la imindeni iludingide yodwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa