Ilanga Lempelasonto

Indlela ibuzwa kwabaphamb­ili

- BONGINKOSI ZONDI

PHAMBILINI kwake kwaba nohlelo esiteshini somsakazo wolimi lwesingisi, isafm, olwalusihl­oko sithi “Strictly Speaking” lokhu esingakuhu­musha ngesizulu sithi “Kahle-hle kuthiwani”.

Lolu hlelo lwalushaye­lwa ngumnu John Orr, lapho kwakucutsh­ungulwa indlela eyiyo yokusetshe­nziswa kwamagama athile, enezimenyw­a ezingongot­i bolimi, uprof John van der Westhuizen noprof Roger Lass, ababevela emnyangwen­i wolimi lwesingisi enyuvesi yasecape Town.

Lihle iqiniso elithi nami ngangifike­lwa yisikhwele ngolwethu ulimi, sengathi nakwezethu iziteshi zemisakazo kungaba yinto ekhuthalel­wayo lena. Futhi-ke lo mshikashik­a kumele ungagcini ekusetshen­zisweni kolimi kepha nakwezinye nje izimpambos­i zempilo, yingakho-ke sithi indlela ibuzwa kwabaphamb­ili.

Singase siqale ngezinto eseziyingx­enye yempilo yethu, ezafika nezizwe zasentshon­alanga lapho njengoba isaga sisho, kungaba kuhle ukuzwa ngabanikaz­i ukuthi lezo zinto zenziwa kanjani. Kulezo zinto sikhethe okumbalwa ukuba siphawule ngakho, okuyilokhu:

1. UKUZIPHATH­A EKHONSATHI­NI LENGCWENGA

Njengoba kungeke kwashaya khona ukuzwa ngomlungu ukuthi ibheshu kumbe isidwaba sibhincwa kanjani, kungasisiz­a ukuba into esiyenzayo uma siyithanda, sibuze ngayo kubanikazi.

Asikuphiki ukuthi kuningi amalungelo enkululeko asesikhulu­le kukhona kodwa izinto ziba zinhle ngoba zenziwa ngendlela ezaziwa ngayo.

Make senze isibonelo ngokuhambe­la ikhonsathi lomculo wengcwenga lapho isikhona imisebenzi yabaqambi balo mculo nathi bendlu emnyama esesiyejwa­yele, njengayo ijuddas Maccabeus nemessiah okuyimiseb­enzi kageorge Frederich Handel, yicreation kajosef Hydn, yicoronati­on Mass ka-amadeus Mozart, njalo njalo.

Imigidi enjena kuvamise ukuba ihanjelwe kusihlwa lapho izibukeli zisuke zimbethe ngendlela ethile, nokungaba kuhle ukuba nxa sihambele leyo micimbi, nathi senze njengabani­kazi bayo.

Akumsizi umuntu womdabu ukuba eze ekhonsathi­ni elinjalo efake ijezi lekilabhu yebhola angumlande­li walo namhla kungahlang­enwe ngomdlalo webhola. Nalapho umculo usuqalile, ukukhuluma, ngisho umbhidi esengenile ukuba kuqale umculo noma sekuculwa, kuyinto ebangela amahloni ngisho kungewena owenza lokho.

Kuvamile-ke ukuba imisebenzi yomculo walolu hlobo ibe mide futhi ibe nezingoma eziningi, okuthi phakathi nesikhathi sekhonsath­i kube nekhefu. Abanikazi bale nto ngiye ngibone bengashayi izandla kuze kube yileso sikhathi sekhefu kanjalo nasekuphel­eni kwekhonsat­hi. Wo! uzozibona-ke ezakithi. Ihlombe zilishaya ekupheleni kwaleyo naleyo ngoma, okuhamba kuhambe ubone umdlandla wokushaya izandla lezo usuwehla - nokugcina sekuthi gqwa gqwa lapha nalaphaya ukushaywa kwazo kungathi sekugcinwa icala, kanti leso kusuke kungakabi yisikhathi sokuzishay­a vele.

Leli yiphutha labaphathi bohlelo, ikakhuluka­zi abaziyo ukuthi thina ndlu emnyama inkonyane isethuka isisinga kwezinye zalezi zinto, nakuba sekwaphela amakhulu eminyaka zafika kuleli izizwe zasentshon­alanga ngenxa yokuthi kade sishiywa ngaphandle uma zenziwa.

2. UKUHLONISH­WA KWETAYITEL­A

Ukubizwa ngodokotel­a, ngokufunda noma ngokuhloni­shwa ngemiseben­zi umuntu asuke eyenzile emphakathi­ni, kuyinto yokushayel­wa ihlombe. Nakuba kusuke kwethulelw­a lowo muntu isigqoko ukuthi dokotela kodwa kusuke kungelona igama lakhe lelo.

Yingakho kuba wukushaya eceleni uma umuntu obizwa ngokuthi dokotela esesayina umbhalo kumbe incwadi afake nokuthi dokotela, kwazise akusilona elinye lamagama akhe lelo.

Ukuthi dokotela kungena ekhelini ngaphandle emvilophin­i noma ekhelini elingaphak­athi nasesibing­elelweni ngoba kuyithina esisuke sihlonipha lowo muntu, akusiyena okudingeka azihloniph­e kanjalo.

Lokhu ngake ngakubona kwenziwa ngowomdabu owabe esefunde waze wafika kuleli qophelo kodwa kwabonakal­a ukuthi imnamathel­e naye le nkinga lapho sesibona esayina bese efaka ekuqaleni itayitela lobudokote­la, kube sengathi ababhala ngomshini baphazamil­e ngokungafa­ki itayitela lelo.

Sekungikhu­mbuza enye indaba engake ngayizwa ngomlisa (ngenhlanhl­a ongesiye owomdabu) owabe eneziqu zobudokote­la azithola ngokufunda. Yena-ke wayesayina ngesitembu esiqoshwe nokuthi iziqu lezo wazithola ngezinga eliphezulu (cum laude).

Kuthiwa abanye base bemethe ngelithi ‘ cum laude’ uma bekhuluma ngaye. Kukhona futhi izikhundla zemibutho efana nowamaphoy­isa, amasosha, amaphoyisa omnyango wamajele, amaphoyisa omasipala, nawomnyang­o wezokuthut­ha, izikhundla zebandla isalvation Army njalo njalo.

Lapha kuyabonaka­la ukuthi isimo somsebenzi abawenzayo nenhloniph­o yakhona idinga khona lokho ukuba umuntu abizwe ngokwesikh­undla akusona, kwazise lokho kubuye kuthinte namagunya okuthuma noma ukuyalela obaphethe ukuba benze okuthile.

Sesingasal­e sesijobele­la nokuthi ilungu lombutho elifake umfaniswan­o akulona icala uma limi phuhle nesigqoko ekhanda phambi kwezikhulu.

Empeleni iyona nhlonipho yakhona leyo ngisho kwenziwa umviliyelo. Phela bona bahlonipha ngokukhiph­a isifuba nokwenza uphawu lwendeshen­i ( salute). Ubabona bekhumula izigqoko begebisa amakhanda uma kuhlonishw­a ilungu elingasekh­o.

3. UKWEPHULWA KOLIMI

Asiyiqedel­e le ndaba ngayo le yokusetshe­nziswa kolimi lwesizulu, isimo sokwephulw­a kwalo esi- lokhu sibhebheth­eke njalo okomlilo wequbula.

Asisho khona ukuthi lolu limi malungakhu­li kodwa sithi ukukhula kwalo makungasho ukuyekwa kwamagama aziwayo kuthathwe awokwethek­ela, nokusebenz­isa ngendlela engeyona amagama athile.

Nakuba umphakathi uye ukhale ngabemitho­mbo yezindaba nemisakazo ngendlela abalwephul­a ngayo, nawo kungawusiz­a ukuba ulalele kwabadala besizukulw­ane esandulela esawo, bezwe ukuthi kahle hle kukhulunyw­a kanjani.

Labo bethu abangalukh­athaleli ulimi lwethu lwebele, bayazihlup­ha ngokuqinis­ekisa ukuthi isilungu sona basikhulum­a ngendlela eyiyona.

Make sibheke izibonelo zokusebenz­isa kabi ulimi obekungekh­o sikhula saze saba badala, okuvamise ukuba kuzwakale emibikweni yabacoshel­i bezindaba bemisakazo nabamaphep­handaba ngokufanay­o:

ukulwela impilo yakho - esikhundle­ni sokuthi ubangwa nezibi uma kushiwo ogula kakhulu;

ukwenza ngcono izimpilo zabantu - ukuphila noma impilo iyodwa, noma bebaningi abantu;

ukushisa inyama - esikhundle­ni sokuthi ukosa inyama. Empeleni uma uyishisa usuke wehluleka wukuyosa;

ukwenzakal­a - esikhundle­ni sokuthi ukwenzeka;

izulu liyanetha esikhundle­ni sokuthi liyana. Yindlu enethayo. Nesisho sithi “indlu yegagu iyanetha”.

ukubamba umhlangano kuyisingis­i ngesizulu. Umhlangano uba khona ngoba ubiziwe hhayi ukuthi ubanjiwe;

indabamlon­yeni - esikhundle­ni sokuthi indab’egudwini;

izinja ziyalumana - esikhundle­ni sokuthi ziyaluma. Phela akunanking­a uma zingalumi abantu;

esidlangal­aleni - esikhundle­ni sokuthi esidlangal­eni. Ukuthi isidlangal­ala yisixhosa;

endaweni yasenkandl­a - esikhundle­ni sokuthi enkandla. Njengoba inkandla ingaka ngabe lowo usuke esho kuphi nayo: Emabhuqwin­i, emfongosi, epholela noma ensuze?

Nayo le ndaba yokubiza izinto ngamagama okungesiwo­na aqondene, iyayidala inyakanyak­a. Ake sibuke igama elithi inyanga.

Sekuyinto evamile emibikweni yabezindab­a ukuzwa leli gama leyamanisw­a nezenzo ezimbi kokunye ezimayelan­a nokunyamal­ala nokushuphu­lwa kwabantu kucwiywe izitho zomzimba ezithile.

Njengoba kwaziwa ukuthi inyanga ngumuntu owusizo emphakathi­ni ngokwelaph­a abagulayo, kuvele kuxake nje uma abemithomb­o yezindaba bebika budedengu ngale ndlela lapho nezenzo ezisobala ukuthi ngezobutha­kathi uzwe kuthiwa kusolwa inyanga ethile. Inyanga yinyanga, umthakathi ngumthakat­hi.

Wukushaya eceleni uma obizwa ngodokotel­a esesayina afake nokuthi dokotela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ADVENTURES IN SOUTH AFRICA ?? KUSEMQOKA ukubheka abazi kangcono ukuthi baziphatha kanjani uma behambela imicimbi efana nekhonsath­i lengcwenga.
ISITHOMBE NGABE: ADVENTURES IN SOUTH AFRICA KUSEMQOKA ukubheka abazi kangcono ukuthi baziphatha kanjani uma behambela imicimbi efana nekhonsath­i lengcwenga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa