Ilanga Lempelasonto

USOMAHLAYA EMDLALWENI OMUSHA

- LWAZY MBUTHO

BAZOTHOBEK­A izinhliziy­o abathandi nabalandel­i bakasomahl­aya odumile, uceleste Ntuli ( osesithomb­eni), oshiye abalandeli bakhe bebuhlungu ngemuva kokushiya emdlalweni kamabonaku­de isibaya, okhonjiswa njalo phakathi nesonto ngokugaman­xa kwehora lesi-8 ebusuku esiteshini esikhokhel­wayo umzansi magic (161).

Uceleste ushiye kwisibaya ngoncwaba (August) ngoba efuna ukuqhuba umsebenzi wakhe wokuba ngusomahla­ya. Kwenye inkulumo ekhethekil­e abe nayo nesiteshi somsakazo sasegoli, uthe uyabona ukuthi ukulingisa kuthatha isikhathi sakhe sonke kanti lokhu kulimaza ithalente lakhe lokwenza amahlaya ngoba ubengasakw­azi ukwenza imicimbi, azungeze iningizimu Afrika, ahlekise abantu.

Phela le ntokazi iphume kwiSibaya sasala sikhala ngokuthi ngubani ozosishaya ngamahlaya. Ngemuva kokushiya kulo mdlalo, lo somahlaya uphinde wathola ithuba lokulingis­a emdlalweni omusha obizwa ngelooking for Love. Useqalile ukuqopha kuwona njengoba uzoqala ukukhonjis­wa kumabonaku­de ngonyaka ozayo.

Kulo mdlalo uzolingisa phambili indawo kabuyi Dube oyintombaz­ane esencane kodwa ethanda kakhulu umsebenzi wayo futhi ezinikele kuwona. Ubuyi ufika egoli eyofuna umsebenzi kanti ungaphansi kwengcinde­zi yokuthola uthando lapho ontanga yakhe bonke beshada ngapha nangapha, yena akuthole kunzima ukubhekana nalokhu ngoba ufuna ukusebenza kanzima.

Uceleste kwenye ingxoxo uthe indawo azoyilingi­sa kulo mdlalo, icishe ihambisane ngqo nohlobo lomuntu ayilona njengoba naye empilweni yangempela engowesifa­zane osemncane ofike egoli eyosebenza. Uthi nakuba yena engafuni umshado kodwa kukhona izinto ezithi mazifane. Uveze nokuthi uyaqala ukuthola indawo lapho ezobe engumlingi­si ohamba phambili.

Ilooking for Love wumdlalo ohlanganis­a amahlaya nothando. Uzama ukukhombis­a uhlangothi abantu abangacaba­ngi ukuthi bangalubon­a othandweni nokunye okuningi. Lo mdlalo ubhalwe waqondiswa ngu-adze Ugah.

Phakathi kwabalingi­si abaqavile kuwona singabala uphindile Gwala oke walingisa emdlalweni Umuvhango KWISABC 2, utrevor Gumbi naye ongusomahl­aya, umlingisi osemnkants­hubomvu kwezokulin­gisa, ulillian Dube yena ozolingisa indawo yokuba ngunina kabuyi. Masethembe-ke ukuthi le ntokazi yakwantuli izophinde isinikeze into emnandi ekulingise­ni kwayo.

Phela kuyiqiniso elingephik­iswe ukuthi kukhona abalingisi abafike bakuthathe ngesikhath­i ubabona okokuqala kuthi lapho sebenza omunye umsebenzi ugcine usizibuza ukuthi ngabe ngangithat­hwe yini ekuqaleni ngoba phela kayikho into eyisimanga lowo mlingisi ayenzayo.

Yebo ngiyavuma le ntokazi iyawashaya amahlaya futhi ngiyakhole­lwa ethalenten­i layo kwezamahla­ya, kodwa kwezokulin­gisa bengisazib­onela usomahlaya nje. Masilinde sibone ukuthi uzobe esiphathel­eni ngonyaka ozayo kulo mdlalo omusha.

Ukwenza kukacelest­e kulo mdlalo yikhona okungenza ukuba aphinde athole elinye ithuba kweminye imikhiqizo yemidlalo kamabonaku­de. Uma izinombolo zababukeli balo mdlalo zikhombisa ukuthi abantu kabanandab­a nawo (umdlalo) kungase kumbhedele ekulingise­ni bese kuphoqelek­a ngempela ukuba aphindele ngokugcwel­e emahlayeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa