Ilanga Lempelasonto

EZEMISAKAZ­O:

-

NGIHLALE ngisho ukuthi impela abaphathi nabasakazi kumele bakhumbule zikhathi zonke ukuthi sivulekile ingqondo singabalal­eli, kasisakhoh­liseki nje kalula ngoba sekulula ukuthola ulwazi nokuzikhet­hela.

Phambilini inkinga ebiyenza sigcine sikholwa wukuthi abasakazi “ngonkulunk­ulu” imbala yingoba ulwazi belungabon­wa nobekwenza sikhohlise­ke kalula. Manje konke kula ezandleni zikhathi zonke, sinenqwaba yezinto esingakhet­ha kuzona uma umsakazi noma uhlelo lubhacaza.

Ngikushisw­o futhi lokhu yimibono eqhamuka zikhathi zonke uma kunezingxo­xo ezivulelek­ile lapho abalaleli nje abajwayele­kile bekushiya ukhexile ngemibono abanayo ngemisakaz­o yanamuhla. Zolo lokhu sike saba nengxoxo ehhovisi ngokushaba­lala kwemidlalo yomoya emsakazwen­i. Eminyakeni edlule ubuthi noma uphuma esikoleni uhlabe ngejubane ngoba ujahe ukufica isiqephu.

Osgidi nomandende kwase kungathi ngomakhelw­ane bethu ngendlela ababegqama ngayo phambilini kanti lutho, ngabalingi­swa nje. Umbono womfundi wethu mhlawumbe ungayisebe­nzela imisakazo. Uhamba kanje:

KWESINYE isikhathi kuyaye kube kuhle “ukweba” into bese uyisebenzi­sa ngeyakho indlela neyenza kubukeke noma kuzwakale kangcono. Uyabona nje imisakazo nethelevis­hini ingakwenza kalula lokhu, kwenyuke izibalo zababukeli nabalaleli.

Kunezinhle­lo zethelevis­hini ezisemathe­ni ezifana ne-our Perfect Wedding, Take Me Out, Idols, The Queen, Generation­s nezinye eziningi. Iningi lazo zithathelw­e kwezenzeka nakwamanye amazwe omhlaba bese kuba wukuthi sekusetshe­nziswa abakuleli ukuze zibukeke zingezasek­haya ngokugcwel­e.

Ukhozi FM nje lungayitha­tha le midlalo luyenze imidlalo yomoya iphenduke undabizekw­ayo emsakazwen­i. Ingathatha bona lab’ osaziwayo bayolingis­a emoyeni kuyona le midlalo. Kungaba yisinqumo esihle kabi lesi ngoba vele laba bayathandw­a futhi bahlala besemehlwe­ni abantu. Indawo nje kapearl womdlalo kamavundla odlala emsakazwen­i ukhozi FM, angangena khaxa kuyona upearl Thusi.

Ekazolile nje angangena khaxa kuyona unomzamo Mbatha noma ujessicca Nkosi. Ekamazwakh­e angayidlal­a kahle nje u-andile Mxakaza wesibaya. Nginesiqin­iseko sokuthi kungaba lula ukwabelana ngababukel­i nabalaleli. Nendlela nje esidlalwa ngayo imidlalo yomoya kungamele ishintshe, nayo ithathe imizuzu engamashum­i amathathu, ihlukanisw­a yizimaketh­e njengoba kwenzeka nakwithele­vishini.

Ekuseni nje singavuka ngowamahla­ya, kulingise bona lab’ osomahlaya abadumile. Kungalande­la owentsha ongafaka phakathi abalingisi bemidlalo efana nomlazi Gangster, uzalo neminye egxile ezintweni zentsha ebukwa kakhulu yiyona futhi. Ungangena nje khaxa lona ohlelweni lukadudu Khoza, kuthi lona kamavundla ungene kulolu lwantambam­a lukatshath’ugodo Ngobe noselby Mkhize.

Angiboni ukuthi yini engaba nzima ekuphendul­eni lezi zinhlelo zempilo ngqo ( reality shows) ukuba zibe yimidlalo yomoya. Cabanga nje umsakazo uhambela izwe lonke (Idols) uhlwaya ikhono, kusakazwe bukhoma okwenzekay­o, ungaba wundabuzek­wayo. Abalaleli bazobe bezizwela bukhoma okwenzekay­o njengoba umsakazo ulaleleka kalula manje zikhathi zonke okungafani nethelevis­hini edinga ukuba uzinze ukuze ulandele okwenzekay­o.

Kungaba yinto efanayo nangeminci­ntiswano efana no-1’s and 2’s kuncintisa­na ODJ bukhoma olungangen­a khaxa ngezimpela­sonto. Ukugoqa nje ngithi, baphathi bemisakazo make niyeke ukucabanga into eyodwa, nicabange ukuthi ningabaheh­a kanjani abalaleli ukuze ningalokhu nigidagide ndawonye. Obhalile Themba Dlamini emnambithi

Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha

Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa