UYAZIBHALELA IZINGOMA UJAYCEE
UGQAMISA ukubaluleka kokuzibhalela umculo esikhundleni sokuhuba izingoma ezindala umculi wowokholo.
Ujaycee Radebe uthi abantu ababebhala izingoma kudala babezibhala ngoba bedlule ezimeni ezithile.
“Lokho kusho ukuthi nathi kumele sibhale ezethu ngezimo esidlula kuzona kwazise izingqinamba zamakholwa amanje zehlukile kunalawa akudala,” kusho yena.
Uthi kule albhamu yakhe entsha ebizwa ngokuthi Story of God’s Grace iningi lezingoma zibhalwe nguyena ngenhloso yokugqugquzela abantu abadlula ezimeni ezicishe zifane nezakhe. Uthi akufundile kulesi sikhathi ekule ndima yezikaqedisizungu wukuthi kumele uzithobe futhi uzimisele ngokufunda.
“Kumele wazi ukuthi izinto kazi- zi ngethileyi, kumele usebenze kanzima,” kuchaza yena.
Uthi ama-albhamu akhe edlule awazange amaketheke kahle kodwa lokho kakumthenanga amandla njengoba esebuye ngegi ya eliphezulu. Uthi ingoma ethi: Umoya Owavusa ukrestu ucabanga ukuthi baningi abazoyithokozela.
“Kulokhu yiyona engivulele im nyango futhi enconywa ngabanin ngokuthi iyabavuselela. Ihluke kakhulu kunezinye esengike ngazibhala ngoba ikhuluma ngok vuka kwami emuva kokuba sengo zini yemoto eyangigingqa kathathu. Ngingasho nje ukuthi iwubufakazi,” kuchaza ujaycee.
Uthi kukhona konke esikwenzayo kumele kukhumbuleke uku thi ujehova uhlezi ekhona ngaso sonke isikhathi. “Konke okwenze kayo kusuke kulotshiwe, akekho ongakuphikisa kodwa kumele sethembe ongabonwayo,” kuphetha yena.
Kumele wazi ukuthi izinto kazizi ngethileyi, kumele usebenze kanzima.