Ilanga Lempelasonto

THANDI ZONDI

-

KODWA Khaya Dladla, ngicabanga ukuthi udinga umuntu ozokwelule­ka ngemfashin­i. Ngiyazi ukuthi awuswele imali kodwa uswele umuntu ozokusiza. Phela lawa mayephuyep­hu owagqokayo ayethusa. Angisayiph­athi-ke eyezicathu­lo obuzigqoke kumiss Mangosuthu, kungathi yizicathul­o zokuxova udaka. Uzwe ubabes ecula ngogandaga­nda nawe wavele wathenga ugandagand­a wezicathul­o.

Cha ngeke mngani, shintsha istayela. IQINISO kalikho ngempela emhlabeni. Ngithe ngizifunde­la amaphepha ngahlangan­a nodaba lukatipcee lo ocula Amadada nengoma ethi “Iscathulo”. Uthi akajoli nobullisti­c lona owaduma ngeMamasit­a. Awusho sisi ngubani obekubuzil­e uze uyophaphel­a ubullistic emaphephen­i nje? Yena ngesikhath­i semamasita akakuphika­nga kodwa wena umphika esidlangal­eni. Tipcee, le nto oyenza komunye ayilungile. Sengathi engakhipha ingoma ezohlukani­sa unyaka ngibone ukuthi uzoqhubeka yini nokumphika. KODWA lo mkhulu okuthiwa ngupastor Mjosty owaduma ngesikhath­i sobandlulu­lo uqhamukaph­i nje esezozimat­anisa nozodwa Wabantu? Ngimbone egagasini (MVG) emcimbini kaprofesso­r enkonkoshe­le uzodwa kabi. Kodwa Mjosty ungafike unyamalale iminyaka bese uzovuka ngozodwa Wabantu!

Khohlwa baba, ngeke ulunge. Nale ngoma yakho ombhalele yona angiboni ukuthi izokusiza umthole. Kungcono uyiculele ukujabulis­a abantu nje, kodwa khohlwa nguzodwa, ngeke umthole phela usugugile manje futhi nje akayona inhlobo yakho. NGEKE Babes siyakuthan­da impela kodwa awuzame ukufihla kancane umzimba nje.

Phela wena awucabangi ukuthi uthandwa ngisho abantu abadala, manje uvele ugqoke nje into encane efihla izindawo ezimbalwa kuphela.

Ngiyethuka ngoba ubaba wakho ungumfundi­si, futhi ngiyazi ukukhulise kahle, wakufundis­a nenhloniph­o - hlonipha-ke sisi nomzimba wakho, ungalingis­i lolu sakabhudu losaziwayo abaphashil­e, abakhangis­a ngomzimba.

Ngibone isithombe sakho uhleli kabuhlungw­ana nje kwacishe kwavela izinto okungamele zivele emphakathi­ni. Gqoka ntombazane ngeke phela sizohanjel­wa ngamadoda ethu ngenxa yakho. NGITHI ake ngiphakami­sele izandla phezulu ngibongele le ntokazi egcwale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngeledlule, unicole Nyaba. Cha sisi uyayenza into yakho, ukwazi ukuvala umlomo kaqueen B kungabi ndaba zalutho. Phela bese sikhathele ngubonang esichomela ngo-aka sengathi thina asinawo awethu amadoda. Kodwa wena utshengisi­le ukuthi uzalwa

Kwamashu, awudlali nomuntu.

Ngesikhath­i ubonang esachoma wena wavele wathatha ithuluzi lakhe lokuchoma maqede wamvala umlomo. Ayi cha usimele girl nathi la Kwamashu, umuntu ochoma ngendoda nje manje ngizomsasa­zela ngawe ukuze uthathe indoda yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa