Ilanga Lempelasonto

BONGINKOSI ZONDI

-

Kodwa sikhethe ukuwaveza lapha ephepheni amabizo alabo bantu ukuze uma kukhona abaziyo ngabo bavele, bese uba lula umsebenzi wokuba nabo kukhulunyw­e ngeqhaza labo.

Lokhu ngikusho ngoba ngaphambi kokuba uphiko lwezindaba lube umnyango ngokwalo, thina balaleli besazi ukuthi umuntu ozwakala emoyeni ngumsakazi - kungakhath­alekile ukuthi uhlelo alwenzayo lungaphans­i kwamuphi umnyango noma uphiko emsakazwen­i.

Abanye abantu esingathan­da ukwazi ngabo futhi esikhetha ukubagagul­a lapha, inhloso ukuba abaziyo ngemindeni yabo nxa befunda ngabo kuleli phephandab­a bese beziveza ukuze umlobi akwazi ukujobelel­a amagama nomlando wabo kafushane.

Nampa-ke abanye balabo bantu ebesiye sibezwe emoyeni phambilini, nakuba thina balaleli singenalwa­zi ngezivumel­wano zokuqashwa kwabo:

H.I.E Dhlomo (yena owalandela­na nomnu Charles Joshua Mpanza)

Mandathane Khuluse (okungathi wayengowas­emgungundl­ovu - naye ongahlalan­ga isikhathi eside)

Mandla Malakoana (iradio Encane) Shadrack Ngema (obebuye abe nguMaguban­e emdlalweni kamabonaku­de Emzini Wezinsizwa)

Johannes Vilakazi (umphepheth­i wezinduku zabafo)

Basil Dlamini (umathamb’esobho) futhi owayeyisek­ela lika-henry Cele ezintini kugolden Arrows

Theo Phakamani Wosiyane - owayeshaye­la uhlelo olusihloko sithi “Amadlelo Aluhlaza”

Mthandeni Msomi - owayeshaye­la olusihloko sithi “Umculo Wezikole” njalo ngomgqibel­o ntambama

Themba Gasa (owayebinge­lela ngokuthi “Hheshe” uma esezofunda izindaba) Sipho Ngwenya (usigqoko sotshani) Thanda Ndlovu

Thokozani Mkhize

Sphiwe Maphumulo (Insizwa yoshikishi) Mandla Ngema (Ithole likamasawu­zana) Shadrack Ngema (Ezemidlalo)

Rev Sabelo Mkhathini

Zanele Mbokazi

Xolani Gwala

Jane Kuki Makhanya (owayengena ohlelweni Ezamaswazi nomuzi Kubheka ngamaSonto ntambama)

Nkosinathi Goodman Khuzwayo (Izindaba)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa