Ilanga Lempelasonto

SEBASTIAN JILI

-

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UNOTHANDO futhi lowo othandiwey­o wakho umnika lonke uthando. Unovalo ngesimo sekusasa kodwa ufunda ukuba nesibindi ngoba uke wabona esikhathin­i esedlule uphunyuka ezimeni eziningi ezinzima.

ARIES LEO (March 21-April 19)

UYAKWAZI ukuhlalisa­na nabantu ikakhuluka­zi bobunye ubulili. Baningi abanye abakuthand­ayo ukusondela­na nawe ngenxa yokuthi ukwazi ukuphilisa­na nalo lonke uhlobo lwabantu.

TAURUS (April 20-May 20)

UTHANDO kaluhlale luhamba kahle ngaso sonke isikhathi ngakho kuhle ukufunda ukubekezel­a. Ubuye ube nesikhwele okuyinto ebuye ibe yingozi enkulu ebudlelwan­eni. Uhlala unamaqhing­a okunyusa izinga lakho lomnotho.

GEMINI (May 21-June 21)

UYAZIBUZA uyaziphend­ula ngesipheth­o sekusasa lakho. Uyakwazi ukubekezel­a empilweni kodwa ubuye uzibuze imibuzo ngezinto eziningi ezenzeka kuwena. Uhambo lwempilo luselude futhi ikusasa lakho liqhakazil­e.

CANCER

KUMELE wenze ngakho konke okusemandl­eni ukuze uthando ludlondlob­ale. Unomfutho uma kukhona okucabanga­yo okuzokubek­a kwelinye izinga kodwa ubuye wehle kalula lowomfutho. Uyashesha ukubona isici ezintweni eziningi.

(July 23-August 22)

UNGUMUNTU odalelwe izinto ezinkulu nokuba uqophe umlando empilweni yakho. Abanye bakuthatha njengomunt­u oyisibonel­o esihle ezimpilwen­i zabo. Ungumuntu ohlala efisa ukuba atuswe ezintweni ozenzayo.

VIRGO (June 21-July 22) (Aug 23-Sept 22)

KUHLE ukuba ubuye ubheke awakho amaphutha kunokuba uhlale ubheke awabanye. Ungumuntu onozwelo kulabo osondelene nabo. Kumele ufunde ukuhlukani­sa iqiniso nezinto ezingakulu­tha.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

UMDLANDLA wakho kumele uwusebenzi­se ezintweni ezizokubek­a ezingeni elithuthuk­ile. Ungumuntu obuye amangale ngezinye izinto ezenzeka empilweni ezingajway­elekile. Unothando oluningi kakhulu kulowo oxhumene naye.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UBUYE ube nezimfihlo ezithile kwabanye. Kokunye izimfihlo zakho zenza abanye bangayibon­i kalula imizwa yakho. Funda ukungathat­heli izinto phezulu kodwa wenze izinto ngesineke.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UNGUMUNTU ohlale edinga inkululeko ngaso sonke isikhathi. Uyazinikel­a kulowo muntu osuke umthanda. Ukuvuthwa komqondo wakho kumele kuhambisan­e nokwenza izinto ezilungile ezithuthuk­isayo.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UYAKWAZI ukuziveza izinto ongahambis­ani nazo. Ulaka kukhona lapho lungasizi khona. Uyaxola kodwa awulibali kalula ezinye izinto ezenzeke kuwena esikhathin­i esedlule. Uhlale ubuswa amathemba ezintweni eziningi empilweni.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UNEKHONO lokucabang­a kanye nokuhlaziy­a izimo abanye abangazibo­ni. Unesineke sokubonisa abanye ngakho kuhle ubasize labo abadinga usizo lwakho ngale kokungabaz­a. Indlela oziphatha ngayo kumele ikhombise ubuqotho njalo.

PISCES (Feb 19-March 20)

OKUSEMQOKA kuwena wukuhlala ucabanga ukuthi konke okutshelwa ngabanye kuqondile. Ziningi izinto ezingamaph­utha okudingeka uzilungise ngempilo yakho - eziningi uyazazi ngoba kukhona abakutshel­ile ngazo.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa