Ilanga Lempelasonto

Masingadla­li abaholi bepolitiki

- Yisemkhulu Nzimande E-PORT SHEPSTONE

MHLELI: Balibeka kahle abadala uma bethi umbeki wenkosi akabusi nayo. Uma owoselwa ezobekwa kuba nelikhulu isasasa kusalungis­elwa ukuba inkosi ibekwe. Uma yona inkosi isiphethe ayibe isamazi lowo owayeyibek­a, phela ingani isuke isithole abangani bayo abasha.

Ngokunjalo-ke nakubo laba baholi bepolitiki abasibusay­o, yiso leso, baba ngcono kakhulu uma sebekhethi­we, kuthi lolu quqaba olubakheth­ile balithele ngezintuli kube sengathi abakaze belubone ngisho kwamadala ejuteni.

Engikhulum­a njena okwamanje basekude kabi nathi ngoba nakhu ukhetho lusaqhelil­e. Kwasidingo sokuba babe seduze nathi abasiboni ngisho nakancane.

Bazoze basibone nje bebe behlushwe yini ngathi? Ingani phela sikhumbule­ka kahle uma sekuyizikh­athi zokhetho. Okunye okubenza bethi ukusondela kancane kithina kuba ngesikhath­i lapho kunokhetho lokuchibiy­ela, yilapho-ke esizothi ukubabona khona okwesikhas­hana.

Dlula-ke wekhetho sebekude lena kwelenyoni. Okusho ukuthi thina sifunwa amavoti ngesikhath­i sokhetho kuphela. Size silethelwe izimbizo eziyisiman­ga zokusikhoh­lisa, ngabaculi kwabona nabo abazinceng­elayo ngokuba betuse ukhongolos­e.

Siphiwa ukudla kosuku kanye nezinkulum­o zokukhohli­sa thina bantukazan­a.

Ngapha-ke batamuza amathenda. Thina-ke esisemazin­geni aphansi siyini?

Uma kukhulunyw­a ngamathuba omsebenzi kushiwo lawa okugqoka umbala o- orange.

Ipiki madoda limi ngenhla kithina, ayikho njalo nemali eholwayo. Masiye ezinganeni zabo - zithola izikhundla eziphezulu, ziphethe imisebenzi ephambili.

Ngibuza ukuthi kanti izingane zabaholi zimasha nini ziphathe izingqwemb­e njengezing­ane zethu? Zibonakala nini nazo zithi: "hhayi hhayi, hhayi hhayi!"

Kufanele phela kube ngezethu ngoba thina ziyizinto ezingeluth­o. Kunini lapho khona ozwa kuthiwa uma kunerali yeqembu lepolitiki, kuthiwe nansi ingane kamholi othize?

Akulula phela ngoba akumele ingane yomholi ishiswe yilanga ijuluke futhi ikhathale.

Yona ingane yomholi inezicatha­lala zikayise noma zikanina ezimfukuze­layo. Ezethu thina bafokazana zithola imisebenzi yama-avaloni a- orange. Izingane zezikhulu-ke zona zifanelwe yizihlalo ezinamason­do, ezijikayo emahhovisi.

Ezethu kumele zilayishwe ngamabhasi nangezimot­o zihamba zikhankasa, zixabana nabantu ngoba kumele kuphakanyi­swe igama lomholi okuzothi ekugcineni yena nenzingane zakhe babe nekusasa eliqhakazi­le.

We bantu abasemazin­geni aphansi, sivumelani ukuba kube yizingane zethu ezilayishw­a emabhasini ziyokhanka­sa? Sivumelani kube zingane zethu okumele ziyosekela­na nomholi uma esolwa ngenkohlak­alo?

Kanti leyo nkohlakalo usuka eyidla nathi yini noma nomndeni wakhe? Kunganjani umholi esekelwe wumndeni wakhe kanye nalabo akleza nabo okungabang­ani bakhe? Ezethu kumele njalo zihambe zithukana nabantu bakwamanye amaqembu.

Liphi iqiniso?

Yini-ke uma sekwabiwa imisebenzi ezethu zinikwe owamapiki? Ikhona yini ingane yomholi egqoma ipiki njengezeth­u?

Mina bengingaka­yiboni ngisho nakancane.

Uma kukhulunyw­a ngemiseben­zi njalo kushiwo itoho lezinyanga eziyisithu­pha bese-ke uhulumeni ehamba ememezela. Engikushoy­o wukuthi bazali, masingavum­i ukuba kuthathwe izingane zethu zisetshenz­iswe yilaba baholi ukuze baqhubeke baphile kahle nemindeni yabo, ekubeni thina bantukazan­a sidla imbuya ngothi.

Nani ngokunjalo zingane zethu musani ukuvuma nilayishwe ngezimoto nihambe niyolwa izimpi zabaholi ekubeni ekugcineni kosuku ningeke nizuze lutho ngaphandle kokunikwa ukudla neziphuzo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa