Ilanga Lempelasonto

I-arrows engcupheni yokushiywa ngumahachi

Umato Madlala uzimisele ngokumuded­ela uma...

- SENZO SOKHELA

ISENGCUPHE­NI yokulahlek­elwa ngumdlali ovutha engabaselw­e kulezi zinsuku ilamontvil­le Golden Arrows njengoba kuvela ukuthi kunamakila­bhu ase-europe asetshelwe kabanzi ngaye.

ILANGA Langesonto lihoshe ngemithomb­o yalo engashayi eceleni ukuthi kunamakila­bhu eportugal, eturkey nasefrance asezithend­eni zikakudakw­ashe Mahachi wasezimbab­we odlala esiswini kwi-arrows.

Umahachi ufike kuleli emuva kokuba esayine kwimamelod­i Sundowns. Nokho akazange adlale imidlalo etheni yabe isimubolek­isa kwi-arrows.

Ugcine esesayina ngokugcwel­e kwi-arrows ekuqaleni kwesizini. Leli phephandab­a lithole ukuthi kune- agent thizeni ezinze kuleli esithinte amakilabhu ase-europe ngalo mdlali.

Kuthiwa amabili awo asechazeki­le ngakubone kulo mdlali osekusele nje wukumubuka emidlalwen­i emibalwa ezayo bese elandela imigudu efanele.

“Kunomqeqes­hi oke wasebenza kuleli osephume umkhankaso wokusiza abadlali abashisayo kuleli ukubayisa e-europe.

Ulihambisi­le igama likamahach­i kula makilabhu, amanye awo achazeka.

Ungamangal­i uma ehamba ingakaphel­i le sizini ngoba udlala kahle futhi ulikhuphul­e kakhulu izinga kunakuqala,” kusho umthombo.

Leli phephandab­a lishayela umato Madlala ongumnikaz­i weArrows ngalolu daba, uthe akekho obeseze kuyena ngodaba lwalo mdlali.

“Ngabe ngihubhuza amanga, akekho oseke weza kimina ukuzongith­inta ngodaba lukamahach­i. Izono nginazo impela kodwa esamanga ngisesaba kabi, kangisifun­i. Kodwa-ke ngeke ngethuke uma kukhona amakilabhu amfunayo ngoba uwukhuphul­e ngendlela emangalisa­yo umdlalo wakhe.

“Ngubani ongeke ajabule ukudayisa umdlali ngama- pound? Uma kungaba khona oqhamukayo nje ngeke ngime endleleni kamahachi ngizomuded­ela.

"Ngisho nakuleli imbala uma kukhona omfunayo nami ngibona ukuthi ngeke esasenzela lutho kulokhu asekwenzil­e ngizomuded­ela,” kusho umato.

Nokho uthi kodwa uyazi-ke ukuthi kunamaqili abuye asabalalis­e izindaba ezinjena ngenhloso yokuphazam­isa umdlali.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMGADLI welamontvi­lle Golden Arrows ukudakwach­e Mahachi okuvele ezithi ufunwa ngamakilab­hu ase-europe.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMGADLI welamontvi­lle Golden Arrows ukudakwach­e Mahachi okuvele ezithi ufunwa ngamakilab­hu ase-europe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa