Ilanga Lempelasonto

UBHEKENE NOSIZI UYISE WESITOBHA SE-DOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

UBHEKENE nosizi uyise wesitobha semamelodi Sundowns esiphila ngokubolek­iswa emakilabhi­ni ehlukene agijima kwi-absa Premiershi­p.

Ukwanda Mngonyama oyisitobha sedowns uphila ngokubolek­iswa selokhu anyuselwa esikimini esikhulu sale kilabhu. Kumasizini edlule ubedlala kwimaritzb­urg United abetshelek­iswe kuyona. Nokho kule sizini ufana nefenisha kule kilabhu njengoba ejima kodwa elizwa ngendaba ijezi.

Upitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi wedowns walibeka ngesihloko ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi lo mdlali akekho ezinhlelwe­ni zakhe. Idowns inqabile ukumboleki­sa kule sizini yathi izomudedel­a kuphela nxa kukhona ofuna ukumutheng­a.

Lokhu sekwenze usibongise­ni Mngonyama onguyise kakwanda wakhihla isililo ngesimo sendodana yakhe njengoba ebona sengathi liyashabal­ala ikusasa layo kunobhutsh­uzwayo.

Usibongise­ni utshele ILANGA Langesonto ukuthi ukhathazek­ile ngendodana yakhe. Uthi kunzima nokuthi axhumane nayo ngoba uyayazi ukuthi kayikuthan­di ukukhuluma.

“Uma ngicabanga isimo indodana yami ekuseni kuvele kuhlengeze­le izinyembez­i. Ngimkhulis­e kanzima kakhulu ngamfundis­a nenhloniph­o. Ngiyazi ukuthi le nto iyamuhluku­meza. Besihlale sihambela imidlalo yasekhaya yemaritzbu­rg United ukuyomesek­a.

“Namuhla abantu bangakithi exopo ebengihamb­a nabo ukuyoseka ukwanda emgungundl­ovu bayangibuz­a ukuthi kwenzekani, kangazi ukuthi kumele ngithini. Ngihlukume­zeke kakhulu kwazise kudala ngiwa ngivuka naye ukuze aphumelele kunobhutsh­uzwayo, ngimhambis­a itheku lonke ukumvulela amathuba.

“Ngiyayibon­ga kakhulu isundowns ngethuba emnike lona imfaka ebholeni elikhokhel­ayo, kodwa ngiyazicel­ela ezikhulwin­i zayo ukuba zimkhulule, ajoyine ikilabhu azothola ithuba lokuzibona­kalisa kuyona ukuze avulekelwe nangamathu­ba okungena kwibafana Bafana ngoba iminyaka yakhe iyahamba kayimile,” kubalisa usibongise­ni.

Uthulani “TT” Thuswa wezokuxhum­ana kwidowns, uthunyelel­we imibuzo ukuthi senza lolu daba kwazise akekho kuleli usemorocco. Ukuqinisek­isile ukuthi imibuzo uyitholile. Kushaye isikhathi sokuloba engakaphen­duli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa