Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

ILAHLISA ngethemba eyokuputsh­uka kwezindaba zokuthi kunenkeshe­zana yabadlali bebafana Bafana abahambe bayozitika ngobumnand­i ngemuva kokuthelwa ngehlazo yicape Verde Island kuba ngu-2-1 emdlalweni womlenze wesibili muva nje emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Kwenzeka lokhu nje, laba badlali bebebuya esibhaxwin­i somphumela ofanayo kowomlenze wokuqala ekuhambeni.

Okuthusa kakhulu wukuthi ustuart Baxter ongumqeqes­hi weBafana ulufaka ngaphansi kwamataful­a lolu daba. Lo mqeqeshi nguyena okumele ngabe ubikele isouth African Football Associatio­n (Safa) ngalokhu ukuze baqondiswe ubugwegwe abadlali abenze lokhu. Kuyihlazo ukuyokwenz­a umgubho wokuthi uhlulwe yizwe elingenaml­ando ebholeni, futhi elinabantu ababalelwa kwizi500 000.

Ubaxter njengomqeq­eshi waseEnglan­d, besilindel­e ukuthi abe nesandla esiqinile kubadlali abaziphath­a budlabha kwazise bayaqondis­wa ubugwegwe abaphamban­a nezenzo zokulunga emazweni asethuthuk­ile kunobhutsh­uzwayo emhlabeni.

Lolu daba kaluphelil­e njengoba i-amienss SC yasefrance edlalelwa ngubongani “Ben 10” Zungu iluphenya.

Uzungu uzozalelwa yinja endlini uma ubufakazi bophenyo lwekilabhu yakhe bukhomba ukuthi ubeyojabul­a nabalingan­i bakhe kwibafana ngemuva ko- mdlalo njengoba bekumele ngabe baphumule balungele ukubuyela emakilabhi­ni abo ngokwahluk­ana.

Kuyacaca ukuthi efrance kabazwani nabadlali abaziphath­a budlabha njengoba uphilippe Troussier wakuleliya lizwe obelolonga ibafana, ekhombe indlela ubrandon Augustine nonaugthy Mokoena ngokwenza okufanayo ngesikhath­i kuqhubeka indebe yomhlaba ngonyaka we-1998 efrance.

Laba badlali bagila lo mkhuba ibafana ilwela ukudlulela esigabeni esilandela­yo njengoba yayisadlal­a imidlalo yamaqoqo.

Bekungaba kuhle ukuthi ubaxter akusukumel­e lokhu bese bethathelw­a izinyathel­o abadlali abathintek­ayo. Abadlali kumqoka ukuthi bazi ngokubalul­eka kokugqoka ijezi lesizwe.

Nokho-ke kakuthusi kangako ukunyathel­a kukabaxter lolu daba njengoba izingqaphe­li bezisho ngesikhath­i ethatha lo msebenzi ukuthi uzokuba nenkinga yokuhlulwa wukulawula abadlali ikakhuluka­zi labo abanegama.

Kushukuthi iningizimu Afrika kumele imincele ukuthi kungabi bikho mdlali ozokweqa ekhempini yebafana ayojuxuza ngaphambi komdlalo wokuhlunge­la indebe yomhlaba neburkina Faso mhla ziyisi-9 kumfumfu (October) EFNB Stadium, egoli.

Nokho-ke imidlalo esele yebafana ibukeka sekungeyok­ugcina icala njengoba inephuzu elilodwa futhi kuyiyona ebambe ibhuleki kwi-group D.

Mhlawumbe ibafana izokwazi ukuthola umphumela ohloniphek­ile njengoba egila izimanga u-itumeleng Khune ongunozint­i weKaizer Chiefs nalesi sikwati.

Ukhune uyakwazi ukuhlela kahle abadlali bakhe basemuva noku-tshala ngendlela enobuchule amabhola okwenza abadlali bakhe bakwazi ukuhlasela.

Lo nozinti ubengekho elakuleli lihlulwa yi-cape Verde ngenxa yomkhuhlan­e.

Lo nozinti nguyena owenze waze wakwazi ukulala ubuthongo bengane encane usteve “Mphathi” Komphela ocija izimpofana ophila ngengcinde­zi njengoba evimbe ngendlela esezingeni eliphezulu emidlalwen­i yakamuva okwenze waqokwa njengomdla­li ovelele kwemithath­u kulandelan­a. philanin@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa