Ilanga Lempelasonto

UMQEQESHI UNOVALO LWEZITHA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UNOVALO lwezitha uroger Sikhakhane ( osesithomb­eni) ongumqeqes­hi werichards Bay FC ezovovana inkani netshakhum­a Tsha Madzivhand­ila FC engomakoti kwinationa­l First Division (NFD) emdlalweni weligi onamuhla ngesonto ngo-15h00 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

Usikhakhan­e utshele ILANGA LangeSonto ukuthi ukuba yincwadi evaliwe kwezitha kakumniki ukuthula emphefumul­weni. Uthi unethemba lokuthi inhlanhla izobavakas­hela kulo mdlalo njengoba ekholwa wukuthi bashaye into ephansi kwedlule ngenxa yamashwa.

“Amalungise­lelo ahamba kahle, sesiwaqini­se wonke amabhawodi abexega ekilabhini. Ngizokuya kulo mdlalo ngaphandle kukajunior Sekese okhishwe ngekhadi elibomvu emdlalweni wethu nejomo Cosmos ngeledlule. Kumele noma kanjani siwunqobe lo mdlalo ukuze abadlali bezobuyelw­a wukuzethem­ba.

“Empeleni kuningi kakhulu okuhle okwenziwa ngabadlali, sekusele ukuthi sinqobe umdlalo wethu wokuqala ekhaya ngenqwaba yamagoli. Iseyinde indlela kulesi sigaba, abalandeli bekilabhu mabangathu­ki. Umehluko okhona phakathi kwekilabhu eqhwakele nathi mncane kakhulu, kusengenze­ka noma yini,” kusho usikhakhan­e ogcizelele ukuthi ubheke ubunzima kule kilabhu eyincwadi evaliwe kuyena.

Kuzo ezeNFD, uzama inhlanhla kwijomo Cosmos umduduzi Sibeko oyisitobha kwi-acornbush United edlala kwisouth African Football Associatio­n (Safa) Mpumalanga ABC Motsepe League.

Udavid “DVD” Mathebula unikwe ithuba lokuzama umsebenzi kwiblack Leopards eshaywa sengathi iyabukisa kule sizini.

Omunye umdlalo WENFD onamuhla ngesonto ngophakath­i kweUbuntu Cape Town nejomo Cosmos ozoqala ngo-15h00 e-athlone Stadium.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa