Ikhiqize abanohlonze i-adams College
Inikelelwe ngamagumbi omtapo wolwazi
UMENGAMELI Zuma uthi isikole i-adams College esiseningizimu yetheku sinomlando omuhle wokukhiqiza abaholi abanohlonze e-afrika yonke jikelele.
Lokhu ukusho ngesikhathi evula isakhiwo esinamagumbi omtapo wolwazi okube wumnikelo wabaSamariya abanobubele.
Umcimbi obungolwesine ubuhanjelwe ngabafundi balesi sikole abadala phakathi kwabo obekhona nenkosi umangosuthu Buthelezi owafunda kuso eminyakeni ye-1940 waze waphothula umatikuletsheni.
Bekukhona futhi udkt Nkosazane Dlamini-zuma nosolwazi Sihawukele Ngubane, nabo abafunda kulesi sikole. Ube khona noMnu Andrew Young owayeyinxusa le-united States of America kwiUnited Nations othe ungumngani omkhulu walesi sikole. Inkosi ubuthelezi ibabaze imfundiso yalesi sikole yathi uqeqesho eyaluthola kuso yilo olwayikhulisa ekuthandeni ukufunda njalo impilo yayo yonke.
Kuwo lo mcimbi iphinde yedlulisa isipho esingavulwanga kumnu Young. Income umphathi sikole umnu Thulani Khumalo nothisha bakhe ngomsebenzi omuhle.
Umnu Zuma ubale abaholi abanohlonze abafunda kulesi sikole, okungudkt Langalibalele Dube, Prixley ka-isaka Seme, Joshua Nkomo, nabanye. “Ngesikhathi ngisendleleni eza lapha kukhona ongibuze ukuthi ngabe lesi sikole singaphinda yini sikhiphe omunye umholi ezinyangeni ezimbalwa ezizayo. Angazi ukuthi lowo muntu ubesho ukuthini kumbe nina nizongichazela,” kusho umnu Zuma ehleka uhleko lwakhe olujwayelekile.
Umnu Zuma uchaze inkosi ubuthelezi njengelunga eli- hloniphekile lephalamende lika- zwelonke wathi: “Ushenge useyi- lunga elihloniphekile lakudala elisahlonipha. Siyabonga ukuthi uke asukume akhuze uma intsha isiphazamisa. Shenge siyabonga!”.
Udkt Dlamini Zuma oyinxusa lalesi sikole uncome uthishanhloko nethimba lakhe, wabonga abeHorizon Educational Trust eholwa ngumnu Ali Katirelojly odume ngelika Uncle Ali okuyiyona athe wahlaba umkhosi yasabela yakha amakilasi ayishumi nomtapo wolwazi.
Uthe lesi kuseyisigaba sokuqala, ngonyaka ozayo kuzoqala esesibili lapho kuzokwakhiwa usembathwangaphi wehholo lesikole (multipurpose hall).
Unxuse ukuba abantu bazikhuthuze amaphakethe banikele kufezwe izidingo zesikole. Uthe abanezinkomo bangazidayisa balekelele.
Udkt Dlamini Zuma uphinde wabonga igagelo lenkosi unathi Maphumulo ngomkhankaso wabo wokulwa nokushiswa kwezikole endaweni wathi bona babeteleka kepha bengazishisi izakhiwo.
“Asazi ukuthi uqhamukaphi lo mkhuba wokushiswa kwezakhiwo. Ngiyajabula ukuthi nisiphethe kahle lesi sikole phezu kokuba sesineminyaka engaphezu kweyi160 sisabukeka kahle,” kusho yena.
Uthishanhloko umnu Khumalo wethembise ukuthi isikole sakhe sizokwenza kahle emiphumeleni kamatikuletsheni nonyaka. Wathi futhi ubonga bonke abafake isandla kulesi sikole kubalwa nosihlalo wetrust usolwazi Ngubane. Unxuse ukuba kuzanywe izimali zokuthenga imoto yesikole eyikhumbi.
Abafundi balesi sikole bageze ubebebe umengameli Zuma nezethameli, becula kamnandi izingoma zikamsholozi ngendlela emnandi.