Uqhulule inhlamba umphostoli enkonzweni
Indaba iqale ngomnikelo
UVUKE indlobane umfundisi webandla elidumile ethekwini, wathuka inhlamba edinwa wukugqoza kwenkonzo yomnikelo maqede amakholwa ayithela elandelana imali yomnikelo. Umphostoli Collins Dhlomo ongumholi wecovanant Fellowship Church International (CFCI) ethekwini umangaze abazalwane ngesikhathi kuvulwa ithuba lokunikela ngolwesihlanu kusihlwa ngeledlule, ibandla ligcwele idurban Exhibition Centre (DEC) lichichima kepha kweza ingcosana phambili.
Indaba iqale ngesikhathi intsha eqoqa umnikelo, ebiphethe izitsha ezisamphongolo ikhombisa ukuthi laba abebezonikela besebephelile sekumele abusise leyo nkeshezana. Umphostoli ubonakale eyaluza esiteji ekhuluma evungama ethi: “Ha, uyaganga usathane, akafuni ukuba sikhonzele ezindlini ezinhle thina, uyahlanya, udakiwe!”
Usho lawo mazwi umphostoli kwacaca ukuthi ukuba usathane umbona ngamehlo cishe ubezogadla.
Ube esebiza ngokushesha umculi uthobekile Mkwanazi wodumo lwamakhorasi no-ihhi!, wathi akaqale ikhorasi elisihloko sithi “Amazulu avumile”.
Kube sengathi ngempela usathane umzwile wasusa ukungabaza emakholweni kwasukuma lonke ibandla layonikela.
Abazalwane abayinakanga indaba yokuthukwa kukasathane ngumholi wabo, bavele bahleka.
Leli bandla lisemkhanka- sweni wokuqoqa izimali zokwakha ubhazabhaza wendlu yesonto elokishini esikhaleni, empangeni enyakatho yekwazulu Natal.
Umphostoli uthe sesifikile isikhathi sokuba kwakhiwe amasonto ezindaweni ezihlala abomdabu ukuze kuliwe nezimo ezifana nokudlwengulwa kwabantu, izidakamizwa nayoyonke imikhuba ebonakala yenzeka emalokishini.
Amanye amakholwa akhulume NELANGA Langesonto ngokuthukwa kukasathane amesekile umphostoli athi nenkosi ujesu wamthethisa usathane ezomlinga ehlane. Omunye uthe: “Empeleni liyakhacwa idimoni uma lithatha amashansi emakholweni alincengwa.”
Umphostoli Dhlomo ungusihlalo wobumbano lwamabandla azimele kulolonke leli. Uyaziwa ngokukhuluma iqiniso noma libaba.
knowledge.simelane@ilanganews.co.za