Ilanga Lempelasonto

Isasasa ngomcimbi kazime wonobubi Kwazulu-natal

- KNOWLEDGE SIMELANE

KUZOSHIYAN­A ukwenza nakulo nyaka emncintisw­aneni obengundab­izekwayo nyakenye wokukhetha uzime wendoda embi kunawo wonke Kwazulu-natal.

Lo mcimbi kubikwa ukuthi uzoba sebit By Bit Nite Club, emtubatuba enyakatho yekwazulu Natal, ngomhla zingama-28 kumfumfu (October).

Nyakenye lo mncintiswa­no ube nesasasa elikhulu, uhlelo luphethwe ngumufi ujoe “Sgudi Snayisi” Mafela. Umsunguli walo mncintiswa­no umnu David Ntshangase uthi nonyaka isiteki simi kanje: Owesilisa ozoba nguking Mubi 2017 uzokhala emuke nemali engu- R2 000, ozophuma isibili ahambe no-r800 othathe isithathu uzohamba no-r500. Izethameli zizokhokha ur20.

Ngalolu suku kubikwa ukuthi kuzobe kukhona neminye imincintis­wano yokuthokoz­isa abantu efana nokudliwa kwenkukhu yonke, osheshe wayiqeda awine imali. Abanye bazonikwa amabhodlel­a kabhiya, kuthi olimbumbuz­ele lonke kuqala aklonyelis­we. Nabanemikh­aba emikhulu kunabanye nabo bayawina.

Umnu Ntshangase ugcizelele ukuthi lona ngumdlalo nje wokukhutha­za abantu ukuba bangazenye­zi ngabayikho.

“Umuntu akazemukel­e njengo- ba enjalo, angazenyez­i ngobubi bakhe ngoba kukhona abamthanda­yo emubi enjalo,” kusho umnu Ntshangase.

Nyakenye lesi sicoco sahlwithwa yiphoyisa likahulume­ni usayitshen­i Simon Mbuyazi waselokish­ini Kwamsane, owalala isibili kwaba ngumnu Lucky Mgenge, owesithath­u kwaba ngumnu Alfred Jobe.

Lolu hlelo lukazime aluqali ukwenzeka eningizimu Afrika njengoba nasezimbab­we luke lwaqhutshw­a kwaze kwasuka umsindo amadoda amabi ebanga isicoco sobubi.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? YIZINSIZWA eziphumele­le nyakenye emcintiswa­neni kazime wendoda embi Kwazulu-natal obusemtuba­tuba.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE YIZINSIZWA eziphumele­le nyakenye emcintiswa­neni kazime wendoda embi Kwazulu-natal obusemtuba­tuba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa