Ilanga Lempelasonto

ZIZOQHUTHA­NA AMAZEZE KOWAMA- FEATHER AWARDS

- THANDI ZONDI

SEKUBHEKWE umhla ziyi-9 kulwezi (November) lapho kuzocaca khona ngomncinti­swano waminyaka yonke amafeather Awards.

Uhlu lwabaqokel­we kulo mcintiswan­o lukhishwe kuleli sonto. Lo mcintiswan­o ngowosaziw­ayo abavelele nalabo abathandan­a nobulili obubodwa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngonyaka odlule ucaster Semenya ongumsubat­hi nguye ohambe phambili ngokuhlomu­la ngezindond­o ezimbili obekungeye­Sports Personalit­y Of The Year neyerole Model Of The Year. Umcimbi wamanqamu uzoba mhla ziyi-9 kulwezi emidrand.

Khona manjalo ngesikhath­i kwethulwa uhlu lwamagama abaqokiwe ngolwesine econstitut­ion Hill, egoli kubikwa ukuthi uzodwa Wabantu wenqabe ukuthatha isithombe noskolopad abaqokwe naye kumunxa we-socialite of the Year nobasetsan­a Kumalo.

Ecaphunwa kwelinye lamaphepha uthe: “Angiqondil­e ukudelela kodwa kumele ngibheke abantu engizihlan­ganisa nabo.” Uskolopad yena uthe uyasihloni­pha isinqumo sikazodwa Wabantu.

Uhlu lwabaqokiw­e lumi kanje:

Best styled female:

Dineo Moeketsi, Thando Thabethe nokelly Khumalo

Best styled male:

Trevor Stuurman, Aaron Moloisi noriky Rick

Hot chick of the year (OTY):

Natasha Thahane, Linda "Mrs. Husband" Mtoba and K. Naomi

Hunk OTY:

Jesse Suntele, Fezile Makhanya and Zweli Dube

Cutest couple OTY:

Mandisa Nduna and Thishiwe Ziqubu, DJ Zinhle and Pearl Thusi and Maps Maponyane nonomzamo Mbatha.

Diva Extraordin­aire:

Vatiswa Ndara, Basetsana Kumalo nocarol Bouwer

Fag Hag OTY:

Manaka Ranaka, Kelly Khumalo nochiano Sky

Sport personalit­y OTY:

Kagiso Rabada, Kass Naidoo nowayde Van Niekerk

Drama queen OTY:

Zodwa Wabantu , Skolopad and Babes Wodumo nomampints­ha

Role model OTY:

Ricky Kgositau , Phindi Malaza nojay Matlou

Media award:

Selbeyonce (Ukhozi FM) and The Wound nophathu Makwarela (The Queen)

Socialite OTY:

Basetsana Kumalo, Zodwa Wabantu, noskolopad

Musician OTY:

Amanda black, Kwesta’s nolady Zamar

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa