Umehlokaboni ngezimpahla zikanasty C
NAKUBA sekukhishwe umehlokaboni wesizumbulu kodwa ILANGA Langesonto lishicilele lapha ingakatholakali i- laptop kanasty C okubikwa ukuthi iqukethe umsebenzi wakhe omningi obalulekile, eyebiwe kubanjwa inkunzi.
Inkampani yomculo aqopha kuyo unasty C, imabala Noise imemezele ukuthi lowo ozoyisiza ngokuqhamuka nomkhondo ozoholela ekutheni kutholakale le laptop izomnikeza ur100 000.
Akuyo yodwa i- laptop okubi-kwa ukuthi yebiwe kodwa ingenye yezimpahla okuthiwa zintshontshiwe yizigelekeqe ngesikhathi zihlasela emzini ahlala kuwo eroodekraans egoli.
I- laptop ikhishelwa lo mehlo kaboni nje yingoba kuthiwa iqukethe umculo abewusebenza ewubeka kuyo kusukela ngonyaka odlule.
Ngale kwale laptop lawa masela athathe newashi lakhe lohlobo oluphambili legolide irolex okuthiwa libiza R488 000 alithenge ngomandulo (September) wonyaka odlule.
Kuthiwa ngesikhathi behlaselwa bebebahlanu endlini, kungabangani nasebenza nabo okungumthwebuli wakhe nodj wakhe.
Umbiko osatshalaliswe ngesonto eledlule uthi izigelekeqe zingene zabesabisa ngezikhali ebeziziphethe, zababopha ngezintambo zase zizitapela.
Phakathi kokunye okuthathiwe ngomakhalekhukhwini ne-tablet.
Umnu Sikhulile “Squiks” Nzuza wemabala Noise ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi bazoyikhipha le mali kulowo ongabanika umkhondo wale laptop yezimanga nebukeka ihlukile kwajwayelekile.
“Okubalulekile kuleyo laptop ngumculo ophakathi,” kusho usquiks kafushane. Kunxuswa abanomkhondo ukuba baxhumane nehhovisi le-mabala noma bashayele enye yalezi zinombolo, 071 073 1146, 076 301 1973, 078 918 2220.
zowakha@ilanganews.co.za
Okubalulekile kuleyo laptop ngumculo ophakathi....