Uhlela ukuba ngowesifazane ophelele onqobe owetransgender
USEZINHLELWENI zokushintsha ubulili bakhe odle umhlanganiso emcintiswaneni kazime obizwa ngokuthi wumiss Transgender & Beauty Pageant.
Umnu Bradley “Mellisa” Mbambo (32) ongowasentshangwe entshonalanga yetheku, obaqwaqwade emakhanda bonke abebengenele lo mncintiswano uveze ngesikhathi emukela isicoco kulo mcimbi obusechesterville, ethekwini. Uthi akufunayo manje wukuba ngowesifazane ngokuphelele.
Ukuwina kwakhe kulo mncintiswano uthi kumvulele indlela njengoba ebheke emncintiswaneni omkhulu kazime umiss Gay RSA 2017 kanti unethemba lokuthi nakuwo lona angase abuye naso isicoco. Ungomunye wabayisithupha abazobe bencintisana emcimbini omkhulu kanti nguyena kuphela ongowakwazuluNatal.
Lo mcimbi kazime obusechesterville obuhlelwe YI-ANOVA Institutes kanti umnu Mbambo uthi yimali kuphela esamvimbile ukuba akwazi ukuguqula ubulili bakhe abe ngowesifazane.
“Ukuthatha kwami lesi sicoco namuhla kunginike ithemba elikhulu empilweni engiyiphilayo. Ngokuphumelela kwami lapha sekungicacele ukuthi amaphupho ami azofezeka, sengibheke phambili kokamiss Gay RSA 2017 ozoba secarnival City ngozibandlela (December). Ngiyathembisa ukuthi lesi sicoco ngizobuya naso. Ngifuna ukuphakamisa ifulegi lakwazulu Natal ukuze abantu babone ukuthi nathi singabantu futhi ngibe yisibonele esihle emphakathini,” kusho yena.
Akaqali ukungenela imincintiswano kazime njengoba phambilini eke waphuma phambili komunye wathatha isicoco sokuba yidiva of Notes 2017.
Njengamanje ukhulisa amabele njengoba, udla amaphilisi abizwa nge-hormones Pills For Breast Growth. Uthi ngelinye ilanga ufuna ukungenela umncintiswano kazime womhlaba umiss Universe.