Ilanga Lempelasonto

Bakhangise ngemiseben­zi yabo kwi-essence

- PAMELA ZUNGU

UBONGA ithuba lokuba yingxenye yombukiso wamabhizin­isi oseDurban Exhibition Centre (DEC) enkabeni yetheku, owesilisa obezokhang­isa ngomsebenz­i wezandla owenziwe ngobuhlalu.

Umnu Thamsanqa Zwane weMangethe Trading Service, ubeyingxen­ye yabantu abebekhang­isa ngemiseben­zi yabo emcimbini i-esssence Festival oqale ngolwesihl­anu ngengqungq­uthela yezamabhiz­inisi, kanti uzosongwa namuhla ngesonto ngedili lomculo.

Ekhuluma NELANGA LangeSonto umnu Zwane, uthi uyaqala ukuba yingxenye yomcimbi omkhulu njenge-essence Festival. Utshele leli phephandab­a ukuthi unxenxwe wumasipala wetheku ukuba abe yingxenye yalo mcimbi emuva kokubona umsebenzi wakhe kweminye yemikhangi­so yamabhizin­isi. “Ngiyajabul­a ukuba yingxenye yalo mcimbi oseqophelw­eni eliphezulu ngoba usihlangan­isa nabantu bakuleli nabaqhamuk­a kwamanye amazwe.

"Umsebenzi engiwenzay­o udonsa amehlo abantu abaningi ngenxa yobuhle bawo. Lo mcimbi uyasisiza ekubeni kufukuleke amabhizini­si ethu ngoba abantu basuke bephume ngobuningi babo bezobuka imisebenzi yethu. Into engijabuli­sayo wukuthi abantu kabagcini ngokubuka kuphela kodwa baphinde bathenge izinto ezinhle esizidayis­ayo. Singosomab­hizinisi abasafufus­a siyayiding­a imicimbi efana nalona ukuze sitshengis­e amakhono ethu,” kusho yena.

Umnu Sipho Kaunda, ongusihlal­o wekomidi lezokuthut­hukiswa komnotho nokuhlelwa kweDolobha ethekwini, uthi kwibusines­s Fair yilapho abantu besuke bekhangisa ngemiseben­zi yabo.

“Abantu abaningi abakhangis­a kulo mcimbi ngosomabhi­zinisi abasafufus­a nalaba ababizwa ngemifela ndawonye.

"Osomabhizi­nisi abakulo mcimbi benza izinto eziningi ezahlukahl­ukene njengoba kukhona abasebenza ngobuhlalu, abangcwabi nabanye abaningi.

"Lo mbukiso usiza osomabhizi­nisi ukuba baveze imisebenzi abayenzayo. Kubaluleki­le ukuba abantu baphume ngobuningi babo bezobuka imisebenzi eyenziwa yilab’ osomabhizi­nisi,” kusho umnu Kaunda.

phumelela@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: PAMELA ZUNGU ?? UMNU Thamsanqa Zwane obeyingxen­ye yabantu abebekhang­isa ngemiseben­zi yabo emcimbini i-esssence Festival obusedurba­n Exhibition Centre (DEC).
ISITHOMBE NGU: PAMELA ZUNGU UMNU Thamsanqa Zwane obeyingxen­ye yabantu abebekhang­isa ngemiseben­zi yabo emcimbini i-esssence Festival obusedurba­n Exhibition Centre (DEC).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa