ITHUBA KOSOMABHIZINISI ABASAFUFUSA ETHEKWINI
BAVULELWE ithuba elingandele bani osomabhizinisi basethekwini kwidurban Jazz Festival yanonyaka eba minyaka yonke mhla zingama-26 kuzibandlela (December) esekuyiminyaka yenzeka ehazelmere Dam enyakatho yetheku.
Lo mcimbi ungeminye yemikhulukazi eyenzeka ethekwini ngesikhathi samaholidi kancibijane kanti ihanjelwa yizinkumbu zabantu ezisuke zivela kulo lonke leli.
Phambilini kuke kwaba nesikhulu isikhalo ngesikhathi yenzelwe emoses Mabhida Stadium eminyakeni emibili edlule ngenxa yokuthi bekulungiswa ehazelmere kodwa abagqugquzeli okuyitouch Africa banquma ukuyibuyisela futhi khona ehazelmere.
Omunye wabanikazi bayo, umnu Lindelani Mkhize, owaziwa kakhulu emculweni uthi abakwenzayo nonyaka wukuthuthukisa osomabhizinisi basethekwini namaphethelo, ikakhulu- kazi labo abasafufusa.
Uthi bebevulele labo somabhizinisi ukuba benze izinhlelo ngabangakwenza kulo mcimbi okungaba phakathi kokunye wukupheka, ukuqapha, ukuhlanza, njalo njalo.
“Sinxusa osomabhizinisi basethekwini njengoba kuwumcimbi wakhona lo ukuba babe belungisa ama-proposal ngabangakwazi ukukwenza kwi-jazz. Sifuna babe bezilungiselela ukuze babe nezitifiketi ezidingekayo kusenesikhathi ukuze bathuthuke bangasali ngaphandle.
"Okwamanje kasikakanqumi ukuthi sizovala nini ukwamukela izicelo kodwa mababe bezilungiselela, sizobazisa uma sekumele bazilethe izicelo zabo. Kakukho lutho okuzoshintsha ngaphandle kokuthi izoba nkulu ibengcono eyanonyaka kodwa izandla sisazivulile nakwabanye osomabhizinisi abafuna ukusondela,” kusho umkhize.
zowakha@ilanganews.co.za