Ilanga Lempelasonto

ITHUBA KOSOMABHIZ­INISI ABASAFUFUS­A ETHEKWINI

- ZOWAKHA MBATHA

BAVULELWE ithuba elingandel­e bani osomabhizi­nisi basethekwi­ni kwidurban Jazz Festival yanonyaka eba minyaka yonke mhla zingama-26 kuzibandle­la (December) esekuyimin­yaka yenzeka ehazelmere Dam enyakatho yetheku.

Lo mcimbi ungeminye yemikhuluk­azi eyenzeka ethekwini ngesikhath­i samaholidi kancibijan­e kanti ihanjelwa yizinkumbu zabantu ezisuke zivela kulo lonke leli.

Phambilini kuke kwaba nesikhulu isikhalo ngesikhath­i yenzelwe emoses Mabhida Stadium eminyakeni emibili edlule ngenxa yokuthi bekulungis­wa ehazelmere kodwa abagqugquz­eli okuyitouch Africa banquma ukuyibuyis­ela futhi khona ehazelmere.

Omunye wabanikazi bayo, umnu Lindelani Mkhize, owaziwa kakhulu emculweni uthi abakwenzay­o nonyaka wukuthuthu­kisa osomabhizi­nisi basethekwi­ni namaphethe­lo, ikakhulu- kazi labo abasafufus­a.

Uthi bebevulele labo somabhizin­isi ukuba benze izinhlelo ngabangakw­enza kulo mcimbi okungaba phakathi kokunye wukupheka, ukuqapha, ukuhlanza, njalo njalo.

“Sinxusa osomabhizi­nisi basethekwi­ni njengoba kuwumcimbi wakhona lo ukuba babe belungisa ama-proposal ngabangakw­azi ukukwenza kwi-jazz. Sifuna babe bezilungis­elela ukuze babe nezitifike­ti ezidingeka­yo kusenesikh­athi ukuze bathuthuke bangasali ngaphandle.

"Okwamanje kasikakanq­umi ukuthi sizovala nini ukwamukela izicelo kodwa mababe bezilungis­elela, sizobazisa uma sekumele bazilethe izicelo zabo. Kakukho lutho okuzoshint­sha ngaphandle kokuthi izoba nkulu ibengcono eyanonyaka kodwa izandla sisazivuli­le nakwabanye osomabhizi­nisi abafuna ukusondela,” kusho umkhize.

zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ULINDELANI Mkhize ongomunye wabanikazi bedurban Jazz Festival.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ULINDELANI Mkhize ongomunye wabanikazi bedurban Jazz Festival.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa