Ilanga Lempelasonto

ABAWUVALI UMLOMO NGE-DURBAN KOTA

- ALUTA MBELE

BATHI basizwe yidumela abalithole ezinkundle­ni zokuxhuman­a abashiye abantu bencela iminwe befuna impinda ye-durban Kota kwi-essence Festival ethekwini ngolwesihl­anu.

Abedurban Kota House, okungabenz­i bedurban Kota bathi udumo abaluthole ezinkundle­ni zokuxhuman­a yilo oluholele ekutheni bagcine sebeyingxe­nye yale festivali enkulukazi ezovalwa namuhla.

Le kota ezishaya sa-bunny chow kodwa yona ethakwe ngeburger, ama-fried chip kanye nezinye izibiliboc­o yenze abantu bayithokoz­ela kakhulu njengoba iphenduke isidlo esehla esiphundu kubantu abebehambe­le i-essence Festival.

Umasipala wetheku uvulele osomabhizi­nisi basemaloki­shini ithuba lokuba balethe amabhizini­si abo kulo mcimbi omkhulu obuwethany­elwe nayizicuku­thwane ezivela nasemazwen­i angaphandl­e kweningizi­mu Afrika, kanti kulawo mabhizinis­i kukhona nawezindaw­o zokudla.

Ngesikhath­i kuvela leli thuba bagxume bahlala umnu Nkululeko Khumalo, umnu Thokozani Mthethwa kanye nomnu Sakhile Ngcobo abangabasu­nguli bedurban Kota House, okuyibhizi­nisi abaliqale ngenyanga eyedlule (August) elisenkabe­ni yetheku.

“Indlela esiyenza ngayo ikota yethu yiyo eyenze saduma ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Udurban Tourism ube sewusibiza ukuba nathi sizozibona­kalisa kwi-essence Festival.

"Sizimisele ukuba leli bhizinisi lethu likhule kakhulu ukuze sizokwazi nokuvula amathuba emisebenzi entsheni,” kusho umnu Khumalo.

Uqhube wathi ibethusile indlela ethengwe ngayo ikota yabo ngosuku lokuqala lwe-essence Festival. Uthi bayabona ukuthi impela ibhizinisi labo lizodlondl­obala.

Uthi kuningi abakufaka kule kota - okubalwa kukho ama-fried chips, russian, ham, bacon, cheese, ribs, burger, kanye nespice sabo esinyimfih­lo.

Ezinye izindawo zokudla ebezikhona lapha yimagaba Lounge, Ink Food, 031 Shisanyama nezinye.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa