Ilanga Lempelasonto

Kunzima ukusebenza nomyeni

- KNOWLEDGE SIMELANE

SITHE uma sizwa ukuthi ibandla icovenant Fellowship Church Internatio­nal (CFCI) izobe inenkomfa yeshumi yabesifaza­ne ebizwa ngevessel Honour Networks, ethekwini ngempelaso­nto edlule, lapho kusuke kucangcath­wa khona izimilo zabesifaza­ne, becobelela­na ngolwazi.

Kuthe uma sizwa nokuthi kuzobe kukhona nongqwazi lwentokazi engumculi, usiphokazi, salinqaka leli thuba. Sizamile ukuba simthole sixoxe naye ngaphambi kokuba kungene le ngqungquth­ela ngoLwesihl­anu olwedlule kepha sahluleka.

Size sathola ithuba ngolwesibi­li esekhulule­kile. Umyeni wakhe uhlalele Mohapi obuye abe yimenenja yakhe, usihlelele isikhathi naye endaweni ekhethekil­e eshaka Marine World, bude buduze namahhovis­i aleli phephandab­a ILANGA.

Ngifike ngabalinda cishe isikhathi esingangeh­ora besabambek­ile kweminye imisakazo bethula i-albhamu kasiphokaz­i entsha esihloko sithi “Siphokazi”. Baqhamuke behamba bobabili kwaba sengathi yizelamani kwazise bade bobabili.

Kasipholis­anga maseko yangemukel­a ngezandla ezifudumel­e le ntokazi engumzalwa­ne, ethandayo ukuba uma ukhuluma nayo ithi “Ewe tata”.

AKEZENYEZI Kayizenyez­i le ntokazi ngemvelaph­i yayo. “Mina ngingowoku­za-lwa elusikisik­i, e-eastern Cape. Ngikhulisw­e ngugogo unkk Irene umamasango, ozala umama uhappiness

Beauty Maraqana ongasekho. "Ubaba ngumnu Bhekuxolo Xaki - akashadang­a nomama,” kubeka yena.

Usiphokazi uzalwe mhla ziyisi-9 kumandulo (September) ngonyaka we-1977, wafunda amabanga aphansi kulezi zikole: Kwazizamel­e Junior Primary School, wagcina etoli High School lapho ephothule khona ibanga leshumi ( matric) ngonyaka we-1995.

Ngesikhath­i esafunda emabangeni aphansi, uthi ubevele enze okungajway­elekile abhale amagama phansi bese ecela abangani bakhe ekilasini ukuba bacule iculo.

“Ngikwenze lokho umemu wami waze wangibamba wathi ngoba ngibangisa ikilasi umsindo ngomculo uyangijezi­sa ngokuthi njalo uma kusemthand­azweni esikoleni ekuseni ngizoqala amakhorasi. Ngajwayela kanjalo ukucula phambi kwabantu abaningi, kwala noma sengiseHig­h School uthishomkh­ulu wakhona wathi naye ufuna ukuba ngiqhubeke nokuculela isikole,” kulanda usiphokazi.

UMBOMBAYI WESIKOLE Eseqede ibanga leshumi uthi wafuna isikole somculo waha-mba idolobha lasemthath­a efuna isikole kepha akasithola­nga. Leso agcina esitholile kwaba wumbombayi wenza izifundo zepublic Administra­tion.

Uthi wafunda iminyaka emibili, kwathi kowesithat­hu abaphathi baso bakhala iphepha nemali yabo. Uthi ngesikhath­i esemthatha wajoyina amaqembu omculo wokholo wezwa ukuthi umculo sekuyiwona osusegazin­i.

“Ngaleso sikhathi umama, ugogo nomkhulu babefuna ngibuye ekhaya bengafuni ngiye egoli ngiyofeza amaphupho ami omculo, bebelesaba igoli. Bagcine sebengitho­lela umsebenzi esitolo sefenisha elusikisik­i, kwathi uma ngiyokwenz­a inhlolokho­no imenenja yakhona yangibuza ukuthi ngingenza kanjani ukuba ngingenise amakhasime­nde azothenga ifenisha.

"Ngayitshel­a ukuthi ngingabiza abaculi bazocula phambi kwesitolo kugcwale abantu bese sibadayise­la ifenisha. Wathi mina ngizibona ngikuphi eminyakeni eyisihlanu ezayo, ngathi ngizibona ngidumile ngingusazi­wayo,” kulanda

usiphokazi.

Usiphokazi uthi yile menenja eyanxusa abazali bakhe ukuba bamdedele ayofeza iphupho lakhe lomculo.

“Egoli bekukhona ubhuti wami ebandleni

Apostolic

Faith Mission, uwiseman

Sogoni, kukhona no

Mfundisi wethu okuyibo abangithol­ela indawo yokuhlala, ngahlala nosisi usindiswa esengilibe­le isibongo sakhe.

"Ngijoyine ithimba lendumiso esontweni ngaphinde ngathola ubhuti umasosha Nhlengethw­a owayefunda esikoleni somculo.

"Ngifunde umculo iminyaka emithathu ecentral Johannesbu­rg College, ngazuza idiploma. Emuva kwalokho ngithole ithuba lokuyocula ejapan, ngangiqala nokugibela ibhanoyi. Kwaba mnandi, sicula nazo zonke izihlabani zamazwe omhlaba,” kusho usiphokazi.

Ubuye lapho wasebenza nezinkakha zabaculi, oringo Madlingozi notshepo Tshola, wakhipha i-albhamu yokuqala nenkampani kasipho Sithole, inative Rhythms, okuyiyona eyambeka ebalazweni kwezomculo ikakhuluka­zi ngezingoma ezifana nethi “Ubuntu Bami” ngonyaka wezi-2006. Ngonyaka wezi-2008 ukhiphe enye i-albhamu esekwa-emi esihloko sithi “Ndinovuyo” womabaili la ma-albhamu uthi ahambe kahle emakethe. Ngonyaka odlule uvuse inkampani yakhe ayegcine ngokuyiqam­ba ayibiza ngepathsel­a Music, ayiqamba ngegama likayisemk­hulu. Yiyona lena akhiphe ngaphansi kwayo le-cd ayidudulay­o kumanje.

BAHLANGANE ENKONZWENI Ubonane nohlalele Mohapi khona esontweni labo i-apostolic Faith Mission ezinkonwen­i, kwathi ngonyaka wezi-2005 waqala ukuzibika kule ntokazi, bagcina sebeshadil­e ngonyaka wezi-2011, sekuphele iminyaka eli-12 bazana. Babusiswe ngabantwan­a babafana ababili. Banomuzi kanokusho emidrand, egoli. Banezimoto ezintathu. Kunzima ukumenenjw­a ngumyeni ngoba kubiza ukuba basebenze ngokunganc­engani emsebenzin­i kepha uma sebesekhay­a kushintshe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa