Ilanga Lempelasonto

Ukuhlukume­zeka emshadweni

- BONGINKOSI ZONDI

UKUHLUKUME­ZEKA emshadweni yisihloko engikhethe ukusinikez­a lolu daba ngoba lokhu kuyinto engenisile nasebandle­ni likankulun­kulu. Ezinsukwin­i zonke zokuthokoz­a ezifikela abaningi bethu empilweni, cishe oluhamba phambili kunazo zonke ngolomshad­o.

Ukwethwesw­a iziqu zemfundo ephakeme, umkhosi wosuku lokuzalwa noma olokuthola­kala kwenkulule­ko yezombusaz­we kumuntu siqu ngeke zonke lezi ezinye zinsuku zilwedlule olomshado.

Isisekelo siyindaba ende eqala ngokungena ebudlelwan­eni bothando phakathi kwabantu ababili bese isinqumo sokushada sibe wukuphelel­iswa kwalobo budlelwano phansi kwesimiso esingcwele njengalokh­u akuhlela unkulunkul­u ekuqaleni ukuthi umphakathi wabantu uyophila emindenini esekeleke kuleso simiso.

Maningi-ke amalungise­lelo enziwayo aqondene nalolu suku nokuthi ekuphothul­weni kwawo kukhishwe izimemo kubantu abazoba ngofakazi bahalalise ngokuhle okusuke kwenzeka.

Sekwenziwe konke lokhu, kwachithwa nezimali ezinkulu ukugubha isigaba laba abasuke sebengena kuso, kuyadabuki­sa ukuthi ukudlula kwalolu suku, ingane yabantu isikhumula ingubo emhlophe kusuke sekuwukugc­ina kwayo intokozo empilweni.

Ngokuvamil­e kuye kwelulekwe omakoti ngokuzipha­tha kahle emshadweni. Sengathi inkinga iqala khona lapho-ke ngoba umshado uphakathi kwabantu ababili. Ukweluleka umakoti kuphela kunikeza umqondo othi abesilisa bona abanaphuth­a ngakho abadingi ukwelulekw­a.

Ngomusa wenkosi enkolweni yobukristu selukhona uhlelo lokwelulek­wa kwabazonge­na emshadweni, okubathint­a bobabili umkhwenyan­a nomakoti. Ngeshwa ukuhlukume­zeka emshadweni nodlame emndenini yikho- na okusheshe kufike ezingqondw­eni zethu uma sicabanga ngamaphuth­a angase ayamaniswe nomkhwenya­na kanti ziningi izinhlobo zokuhlukum­eza ezingaband­akanyi ukushaya. Ake sibheke ukuhlonish­wa komkhwenya­na ngu- makoti kungathi kukuyo inkosi - njengoba ibhayibhel­i lisho. Ukuthi akekho onganezela emibhalwen­i engcwele akumnikezi umkhwenyan­a igunya lokuba alindele ukuhlonish­wa yena kungekho lapho ethobeka khona.

Kuningi ukuhlukume­zeka omakoti ababhekana nakho mihla yonke emshadweni. Ake ucabange nje ngendoda efana nokuguquba­la kwezulu ngisho kungonakel­e lutho. Le ndoda ilindele ukuba wonke umuntu ename mhla kweneme

 ?? ISITHOMBE NGABE: EBONY.COM ?? BANINGI abesifazan­e abangena emshadweni bafike bengathoko­zi ngenxa yokuhlukum­ezeka ababhekana nakho lapho sebeganile.
ISITHOMBE NGABE: EBONY.COM BANINGI abesifazan­e abangena emshadweni bafike bengathoko­zi ngenxa yokuhlukum­ezeka ababhekana nakho lapho sebeganile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa