Ilanga Lempelasonto

EZESIMANJE:

-

KUYINTO engangabaz­eki ukuthi isimo somnotho esingesihl­e sishaya wonke umuntu kungakhath­alekile ukuthi ungowaliph­i ibala noma ukuliphi izinga lempilo. Lokhu sekuphoqe iningi ukuba liqaphele indlela elisebenzi­sa ngayo imali. Yize kunjalo kodwa bakhona labo abasayisap­haza noma yikanjani.

Unkk Ncumisa Ndelu usesungule ikhasi enkundleni yezokuxhum­ana ifacebook elibizwa ngokuthi yi-1 Family 1 Stockpile, ahlose ngalo ukugqugquz­ela ukuba abantu bonge futhi bathenge izimpahla zasendlini uma kunesiding­o. Uthi yize bebaningi abathola usizo kuleli khasi ubonga imfundiso eyatshalwa ngunina ngesikhath­i esakhula okuyiyo esithela izithelo manje.

Kuleli khasi kucotshele­lwana ngezipeshe­li zegrosa yasendlini, kusukela ezintweni zokugcoba umzimba, ukudla, okokuhlanz­a, ikhaya nokunye okuningi. Lokhu kusiza ekubeni ezinyangen­i ezilandela­yo singabi khona isidingo sokuba uthenge into osuke uyithole esipesheli­ni.

Isibonelo - uma irayisi libiza ur80 ngokujwaye­lekile kodwa uma lisesipesh­elini bese liba ur60, okusho ukuthi uma uthenga eliwu-4, ezinyangen­i ezizayo kasibe sisaba khona isidingo sokuba ulithenge, okusho ukuthi wonge ur20 esikhwamen­i ngasinye.

Uthi phambilini ubeyilunga lekhasi elithile kwi-facebook labesifaza­ne elikhuluma ngayo yonke into ethinta bona, kodwa ubegcina esekhuluma ngezipeshe­li ngaso sonke isikhathi, azibone esephamban­a nokwakusun­gulelwe lelo khasi.

“Yilapho-ke ngibone khona ukuba ngizisungu­lele elami ikhasi elizogxila othandweni lokonga. Angizange ngishayisa­ne namuntu kwengangik­ulo kodwa ngigcine sengibona ukuthi sengiphamb­ana nenhloso yabasungul­i balo,” kuchaza yena.

Unkk Ndelu uthi ube esecela kumsunguli walo ukubhala ngekhasi lakhe elisha ukuze labo abanothand­o lokonga olufana nolwakhe bamlandele.

“Ngikutshel­a ukuthi siqale singama-40, sanda isibalo saba ngama-200, kuthe kuphela izinyanga ezintathu ikhasi bese linabantu abangaphez­u kwe-1000 nokuyinto eyangijabu­lisa. Ngabona ukuthi kanti abantu bayawuthan­da lo msangano wami, ngoba ngangizits­hela ukuthi umsangano ngesikhath­i ngisaqala,” esho ehleka.

Unkk Ndelu uthi akaziboni emosha imali ngokutheng­a okokugqoka okubizayo njengesica­thulo esibiza ur3000 asazophind­e anyathele ngaso emhlabathi­ni. Kunalokho leyo mali angayisebe­nzisela ukuba ingane ithole imfundo engcono.

“Kusisizaph­i singabantu abamnyama ukujabulel­a ukubukwa? Ngicabanga ukuthi sekuyisikh­athi sokuba sishintshe indlela esicabanga ngayo, nengicaban­ga ukuthi kungasisiz­a ekubeni siphile impilo engcono, siphakamis­ane, singabukel­ani phansi.

“Mina uma ngikhokha kancane yilapho ngizizwa khona ngithokozi­le ngoba ngiyonga. Njengomunt­u othanda ukuzula, le mali engiyongay­o yiyo engigcina ngiyiseben­zisela ukuya eholidini nomndeni wami,” kuchaza yena.

Uthi i-1 Family 1 Stockpile okwamanje inabesifaz­ane kuphela ngoba yibo ababhekele kakhulu izinto ezisuke zishoda endlini futhi baluqonda kangcono ulimi lokonga.

Usicebisa ngamasu esingawase­benzisa uma ungumuntu ofisa ukuqala istockpili­ng ukuze wonge:

Ungayithen­gi into ngoba nakhu usuyidinga ngoba ugcina ukhokha noma malini edingwa yisitolo.

Hlela ngaphambi kokuyothen­ga igrosa, ubheke izipesheli.

Ungagxili emikhiqizw­eni eyaziwayo kuphela. Ukubiza komkhiqizo othile noma ukwaziwa kwawo kakhulu kakusho ukuthi ungcono kodwa kusho ukuthi abakhiqizi bawo bakwazi ukuwumaket­ha ngendlela ngenxa yokuvunywa yiphakethe.

Bheka iphakethe lakho, ungenzi ngoba ufuna ukubukisa.

Gcina izinto ezithatha isikhathi ukuba zibole noma zidlulelwe yisikhathi.

“Inhloso yami enkulu wukushints­ha indlela abantu abacabanga ngayo. Asonge imali ngesikhath­i izitolo zithi zizama ukwakha imali ngathi.

“Kungiphath­a kabi ukuthi sekuzoze kube nesitolo esesizothe­ngisa ukudla ngesikwele­tu ngoba nakhu sehluleka wukulawula iphakethe lethu. Abanini bezitolo bayabuka ukuthi siyehlulek­a wukubhekan­a nezinto ezibalulek­ile, sinaka lezo ezingenams­ebenzi,” kuchaza yena.

Okubalulek­e kakhulu ekuthengen­i izimpahla ngamaqoqo uzibeke ( stockpile) wukuba uthenge izinto owazi kahle ukuthi uzisebenzi­sa njalo. Uthi elinye ikhasi aselisungu­lile ngelithi 1 Baby 1 Stockpile eliqondene nabesifaza­ne abakhulelw­e nabanabant­wana ukuze bonge nabo.

“Engikuthol­ile wukuthi kuthatha iminyaka emithathu ukuba amanabuken­i adlulelwe yisikhathi ( expiry date) kanti ama- wipe uma engakavulw­a angahlala iminyaka emibili,” esho.

Ukulandela leli khasi ngena kwi-facebook ubheke ikhasi elithi 1 Family 1 Stockpile.

tzondi@ilanganews.co.za.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SOUNDCLOUD ?? UNKK Ncumisa Ndelu oqale ikhasi lefacebook elibizwa ngokuthi yi-1 Family 1 Stockpile.
ISITHOMBE NGABE: SOUNDCLOUD UNKK Ncumisa Ndelu oqale ikhasi lefacebook elibizwa ngokuthi yi-1 Family 1 Stockpile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa