Ilanga Lempelasonto

Ukusebenzi­sana nejalimane kumvulele amathuba

- MTHOBISI SITHOLE

UKUSEBENZI­SANA nentokazi yasegerman­y emculweni kamasikand­i sekumvulel­e amathuba amaningi okubonakal­a emcimbini kamasikand­i umzovukile “Jaiva” Khanyeza okulindele­ke ukuba abonakale nayo le ntokazi esteji ngomgqibel­o kwimvunge Masikandi African Festival ezinkundle­ni zemidlalo estanger High School, Kwadukuza.

Ujaiva ngumculi othandwayo nohlonishw­ayo ngokushaya isiginci nangenxa yekhono lakhe elihle emculweni. Nokho ubengavami- sile ukubonakal­a emicimbini okudidiyel­we kuyo abaculi abaphambil­i bakamasika­ndi.

Utshele leli phephandab­a ukuthi imicimbi aseyihambi­le nale ntokazi engukarin Kedem, (le ntokazi) ithakaselw­a kakhulu kuyona nakuba abantu bengayizwa ukuthi icula ithini kodwa bathokozis­wa wukuyibona esteji nokuthanda kwayo umculo wesintu.

“Abantu bayamthand­a kakhulu ukarin nakuba ecula ngolimi lwakubo kule ngoma engimpike kuyona ethi “imfundo ibalulekil­e” kodwa kuhlanya abantu uma sebembona. Ngithathe isinqumo sokuba ngimbize njengoba kuwumcimbi omkhulu lona ukuze abantu bezobona into yamehlo,” kusho ujaiva.

Ukarin uqale ukubonakal­a ngombasa (April) kuwona lo nyaka kwinqokoth­o Masikandi Festival ehamba nojaiva lapho ehlanyise khona izihlwele esekhuluma ngesizulu.

Umhleli walo mcimbi usanelisiw­e Bhengu uthi konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi othandwa kakhulu kwadukuza. Uthi kulo nyaka likhulu isasasa ngenxa yokuqhudel­ana kwabalande­li abathi bayobe bephume ngothi lwabo befanisele­ne nangemifan­iswano ngokwehluk­ana kwamaqembu abo. Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe Amageza Amahle, osaziwayo, Mjikijelwa, Qhoshangok­wenzakwakh­e, Khuzani, Vumile Mngoma, igcokama Elisha, Majotha, Cevuzile, Mgojeli, Magic Voice, Ubucwebe, Mhawukelen­i nabanye abaningi. Esangweni kungenwa ngo-r100 kanti abaphathi bohlelo ngabasakaz­o bokhozi FM ubeekay Mchunu nonkosinat­hi Mshengu abasakaza usgiyangen­goma.

Mthobisis@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: YOU TUBE ?? UJAIVA Zimnike Khanyeza uzotheleka kwimvunge kwadukuza nomlungu wakhe.
ISITHOMBE: YOU TUBE UJAIVA Zimnike Khanyeza uzotheleka kwimvunge kwadukuza nomlungu wakhe.
 ??  ?? BAHUBHE
BAHUBHE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa