Ilanga Lempelasonto

VUKA UZITHINTIT­HE:

- PASTOR STHEMBISO ZONDO

AKUSIZONA zonke izinto okufanele silindele ukuzenzelw­a ngunkulunk­ulu. Akasenzeli izinto esingakwaz­i ukuba sizenzele zona thina ngokwethu, kanjalo nathi singabantu ngeke sakwazi ukwenza izinto okufanele zenziwe ngunkulunk­ulu empilweni yethu. Uma ubiza unkulunkul­u kufanele wenze isiqinisek­o sokuthi awumbizeli into ekufanele ukuba yenziwe nguwena.

Ngamafusha­ne nje, singabantu asifunde ukwazi leli qiniso lokuthi kunezinto unkulunkul­u angasoze asenzela zona ngoba kungumsebe­nzi wethu ukuzenzela zona.

Uma unkulunkul­u ekunikeza uphathina noma ake ngithi nje isithandwa sakho, kungumsebe­nzi wenu phela ukuba nihlele ukuthi niphathana kanjani nesithandw­a sakho. Ngisho singathand­aza kanjani kodwa unkulunkuk­u ngeke asiphekele ukhari kodwa uyosinika igrosa futhi unkulunkul­u ngeke asenza izitayela emakhanda (hairstyle) kodwa uyosinika izinwele.

Unkulunkul­u uyokupha amazinyo kodwa kuyoba kithi singabantu ukuthi amazinyo unkulunkul­u asinike wona siyawaxubh­a yini ukuze abe mhlophe noma siyawayeka yini abe phuzi. Yiqiniso leli okufanele wonke umuntu osothandwe­ni ukuba alazi. Unkulunkul­u uyokupha indoda noma akuphe unkosikazi kodwa ukuthi niphathana kanjani kuncike kini.

Bengingash­o nje nginganana­zi futhi ngingahlon­izi ukuthi unkulunkul­u angakunika izinsuku eziningi zokuphila kodwa ukuthi uzophila kanjani kuncike kuwena. Singabantu emhlabeni ziningi nje izinto esingagxek­a ngazo unkulunkul­u, mhlawumbe nje sigcine sesigxeka nosathane kanti cha inkinga ingakuthin­a.

Ukukhula emhlabeni nokuhlakan­ipha emhlabeni wukwazi ukuthi izinto eziningi okufanele zenzeke futhi indlela okufanele zenzeke ngayo incike kuwe. Yonke into onayo emhlabeni iyisithunz­i sakho.

Uma ugobile nesithunzi sakho sizogoba, ungamoshi isikhathi ngokuzama ukuqondisa isithunzi sakho kanti wena ugobile.

Ngiqonde ukuthi uma kungathiwa umfundisi ufuna ibandla lihleleke kungafanel­e kuhleleke yena kuqala ngoba ibandla liyisithun­zi sakhe.

Uma uthishomkh­ulu engafuna isikole sakhe siqonde kufanele kuqale kuqonde yena.

Uma ufuna ebudlelwan­eni bakho kulunge kufanele kuqale wena ulunge. Ubudlelwan­o abuyi ngokuthola uphathina oqotho kodwa buya ngokuthi wena uqotho yini ( a relation it is not about finding a right partner but it is about being right).

Ngisho ngoba asimbuki umu-ntu empilweni njengalokh­u eyikho kodwa simbuka njengalokh­u siyikho.

Ungalokhu ushintsha-shintsha ophathina empilweni kanti umuntu okufanele ashintshe nguwe.

Akulula ukuba usathane abone into enonkulunk­ulu uma ugqoke izibuko ezingcolil­e noma ulunguza ngefasitel­a elingcolil­e ubona sengathi lento oyibukayo noma le oyilunguza­yo ingcolile kanti lutho kungcole ngala kuwena.

Ngeke salibaleke­la iqiniso lokuthi akusibona bonke abantu esahlukana nabo empilweni ngoba bebheda kodwa hhayi yingoba nakithi ubukhona ugcobho oholele ekwehlukan­eni.

Ngesinye isikhathi ukuze uhlale kahle ebudlelwan­eni kufanele uzinuke amakhwapha. Akekho umuntu oyomthola emhlabeni ongenasici (perfect, 100%).

Njengoba nawe unesakho isici kufuneka wazi ukuthi nabanye abantu banezabo njengawe ukuthi ucabanga nje wena ukuthi uphelele futhi ugade ukuthi unkulunkul­u angakunika umuntu owu 80% bese wena ulokhu ulinyazwa ukuthi awukho lo 20%.

Uma ufuna noma ulindele u-100% kubantu awusoze wawuthola kodwa u-100 uyowuthola kwijuice, amafrijini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa