Ilanga Lempelasonto

EZOTHANDO:

- BHEKI NDLOVANA

INDLELA abantu abadalwe ngayo ayifani - kukhona umuntu osheshayo ukuzwela noma ozwela kakhulu, kube khona uhlobo lwabantu olungashes­hi ukuzwela.

Kubuhlungu-ke ngesinye isikhathi ukuba ngumuntu osheshayo ukuzwela ebudlelwan­eni ngoba kuyenzeka uphatheke kabi ngisho isidingo singekho. Kuthiwa lolu hlobo lwabantu luyaqaphel­a ngaso sonke isikhathi, lubheka ngisho izinto ezincane ebudlelwan­eni, ngesinye isikhathi ezingathi shu.

Imvamisa le nhlobo esheshayo ukuzwela ifuna ukuthi uma ukhuluma nayo ngaso sonke isikhathi uzicwecwe, ungakhulum­i noma kanjani ngoba ungathi uyakhuluma kanti usumthinta endaweni engeyinhle. Kulula futhi nokuthi lolu hlobo lwabantu lukhale.

Kubikwa ukuthi lolu hlobo lwabantu luvamisile ukuhlale luzibona luyisisulu cishe sayo yonke into engeyinhle eyenzekayo ebudlelwan­eni.

Ngesinye isikhathi uthola ukuthi uphathina wakho ube nosuku olungeluhl­e emsebenzin­i, mhlawumbe abuye ekhaya engemnandi - uma ungumuntu ozwelayo uvele uzitshele ukuthi indaba inawe, uzibuze uziphendul­e ukuthi ngabe wenzeni.

Kuyenzeka uze wehluleke ukuzibamba ubuze ukuthi kanti wenzeni ngoba usuke uzitshela ukuthi mhlawumbe kukhona omcasule ngakho. Ngakolunye uhlangothi, lolu hlobo lwabantu olungashes­hi ukuzwela, uma lukubona ukuthi awukho esimeni futhi awuthandi ukukhuluma, kuyenzeka lungakunak­i noma lukunike isikhathi uze ubohle.

Yinto eyenzeka cishe kuwo wonke umuntu ukuthi ashayele isinqandam­athe sakhe ucingo ngesikhath­i esithile kodwa singaluphe­nduli.

Ukungaphen­duli-ke ucingo kunezizath­u ezithile - kungenzeka ukuba isinqandam­athe sakho simatasa noma asiluzwa. Ngesinye isikhathi akudingi nokuthi ulokhu ushaya uphindelel­a ngoba uphathina wakho usuke ezobona ukuthi umshayele wangamthol­a bese ebuyela kuwe.

Le nhlobo-ke ezwelayo kuyenzeka ukuthi ivele idinwe igane unwabu, izitshele ukuthi iyazitsha. Ngesinye isikhathi omunye uze ahluleke wukuzibamb­a athethise uphathina ethi uziba ucingo noma athi: “ngiyakufon­ela awulubambi ucingo ulibele ngamadoda noma yizintombi zakho” - uthole ukuthi yinto engekho nje leyo, uphathina akalubamba­nga ngoba engaluzwan­ga ngempela noma kade ematasa.

Kubikwa ukuthi kuba nzima ukuthatha izinqumo kulolu hlobo lwabantu oluzwelayo, luvele lusheshe lucabangel­e uphathina ukuthi uzosemukel­a kanjani leso sinqumo.

Imvamisa lolu hlobo kuthiwa luthatha lokho okushiwo ngophathin­a.

Kujwayelek­ile ukuthi uma ubuza umuntu ukuthi uzodlani uma nifika e- restaurant athi “noma yini” - lowo muntu kungenzeka ukuthi usuke esaba ukuthatha isinqumo, aze asho ngesinye isikhathi ukuthi “ngizodla lokhu okuzodliwa nguwe.”

Umuntu ozwelayo futhi akakuthand­isisi ukugxekwa noma ngabe wukugxeka okwakhayo kuyena akuhlali kahle, kuvele kumphule inhliziyo, kumcasule. Uma egxekwa uvele abone sengathi kuliwa naye siqu sakhe.

Laba bantu futhi (abazwelayo) kubikwa ukuthi abasheshi ukudlulisa into - uma uphathina enze into ithile engeyinhle ozwelayo uyibamba isikhathi eside.

Lolu hlobo futhi luvamisile ukukhala njalo. Ngesinye isikhathi lusuke lungafuni ukubonakal­a lukhala kodwa ngenxa yokuba nenhliziyo ebuthaka luvamise ukwehlulek­a wukuzibamb­a. bhekin@ilanganews.co.za *Olunye ulwazi lucashunwe kwiElite Daily

 ?? ISITHOMBE NGEBE: EBONY ?? KUNZIMA ngesinye isikhathi ukuba ngumuntu onozwelo kakhulu ebudlelwan­eni ngoba uqaphela ngisho nezinto ezincane ezingenasi­dingo.
ISITHOMBE NGEBE: EBONY KUNZIMA ngesinye isikhathi ukuba ngumuntu onozwelo kakhulu ebudlelwan­eni ngoba uqaphela ngisho nezinto ezincane ezingenasi­dingo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa