Ilanga Lempelasonto

ILINDELWE NGABOMVU I-THE RANAKAS

- LWAZY MBUTHO

KUBHEKWE ukuba lubuye seluvutha amalangabi uhlelo lukamabona­kude oluyintand­okazi kubabukeli abaningi, olubizwa ngokuthi yithe Ranakas.

Abazaziyo izinhlelo zikamabona­kude bayazi ukuthi lolu hlelo luyi reality show ekhuluma ngomndeni wakaranaka nempilo ephilwa kuwo lo mndeni.

Iranaka’s iphele ngemuva kweziqephu ezingama-13 ngesizini edlule, kanti njengoba ikhuza ibuya nje silindele ukuba ishube kunasekuqa­leni. Izoqala ukukhonjis­wa mhlaka ziyi-12 kumfumfu (October) kumzansi Magic (161) njengoba sekuphothu­liwe ukuqoshwa kweziqephu ezizokhonj­iswa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i lolu hlelo luphela, umanaka Ranaka ongumlingi­si naye uphumele obala esidlangal­aleni waveza ukuthi akumjabuli­si neze ukunekela izwe amahlazo omndeni wakubo.

Kuyaziwa ukuthi lolu hlelo luheha inqwaba yezibukeli.

Umanaka ekhuluma ngokubuya kwalolu hlelo uthe yize ekuqaleni ubengaboni ngaso linye nodadewabo udineo naye ongusaziwa­yo kodwa uthe le sizini izovula ngomshado omkhulu emndenini.

“Abantu kabakuqond­i ukuthi kunzima kanjani ukwenza uhlelo olufana nalolu kodwa ngemuva kokubona ukuthi lokhu kuyabasiza nabo emindenini yabo sihlale phansi sabona ukuthi kumele kube khona isizini yesibili.

Kasiwona umndeni omkhulu noma odume kakhulu, siyafana nabo bonke abantu ongabathol­a elokishini noma umakhelwan­e wakho oseduze - ngicabanga uku- thi yikho lokho okuthakase­lwa kakhulu ngabantu,” kuqhuba umanaka.

Le ntokazi yakwaranak­a iphinde yagcizelel­a ukuthi udineo uzophinda abe yingxenye enkulu yalolu hlelo, yize lukhuluma ngomndeni wonke kodwa luzogxila kakhulu kuyena njengoba ziningi izinto azenzayo.

Uthandeka Mqaba, okhulumela imzansi Magic, ukuqinisek­isile ukubuya kwethe Ranakas, wathi lolu ngolunye lwezinhlel­o eziphakami­se kakhulu izinombolo zababukeli kwimzansi Magic.

Sengathi-ke singakubon­a esikubheki­le kulolu hlelo, lube yi- reality show yangempel, kungadlalw­a ngathi. Phela kuvamisile ukuba amanye ama- reality show abe wumsangano nje into ongazi nokuthi ungayichaz­a kanjani.

Nolwazi@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? KULINDELEK­E ukuba ithe Ranakas, okuyi-reality show, ibuye ngegiya eliphezulu kwisizini yesibili.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E KULINDELEK­E ukuba ithe Ranakas, okuyi-reality show, ibuye ngegiya eliphezulu kwisizini yesibili.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa