ILINDELWE NGABOMVU I-THE RANAKAS
KUBHEKWE ukuba lubuye seluvutha amalangabi uhlelo lukamabonakude oluyintandokazi kubabukeli abaningi, olubizwa ngokuthi yithe Ranakas.
Abazaziyo izinhlelo zikamabonakude bayazi ukuthi lolu hlelo luyi reality show ekhuluma ngomndeni wakaranaka nempilo ephilwa kuwo lo mndeni.
Iranaka’s iphele ngemuva kweziqephu ezingama-13 ngesizini edlule, kanti njengoba ikhuza ibuya nje silindele ukuba ishube kunasekuqaleni. Izoqala ukukhonjiswa mhlaka ziyi-12 kumfumfu (October) kumzansi Magic (161) njengoba sekuphothuliwe ukuqoshwa kweziqephu ezizokhonjiswa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi lolu hlelo luphela, umanaka Ranaka ongumlingisi naye uphumele obala esidlangalaleni waveza ukuthi akumjabulisi neze ukunekela izwe amahlazo omndeni wakubo.
Kuyaziwa ukuthi lolu hlelo luheha inqwaba yezibukeli.
Umanaka ekhuluma ngokubuya kwalolu hlelo uthe yize ekuqaleni ubengaboni ngaso linye nodadewabo udineo naye ongusaziwayo kodwa uthe le sizini izovula ngomshado omkhulu emndenini.
“Abantu kabakuqondi ukuthi kunzima kanjani ukwenza uhlelo olufana nalolu kodwa ngemuva kokubona ukuthi lokhu kuyabasiza nabo emindenini yabo sihlale phansi sabona ukuthi kumele kube khona isizini yesibili.
Kasiwona umndeni omkhulu noma odume kakhulu, siyafana nabo bonke abantu ongabathola elokishini noma umakhelwane wakho oseduze - ngicabanga uku- thi yikho lokho okuthakaselwa kakhulu ngabantu,” kuqhuba umanaka.
Le ntokazi yakwaranaka iphinde yagcizelela ukuthi udineo uzophinda abe yingxenye enkulu yalolu hlelo, yize lukhuluma ngomndeni wonke kodwa luzogxila kakhulu kuyena njengoba ziningi izinto azenzayo.
Uthandeka Mqaba, okhulumela imzansi Magic, ukuqinisekisile ukubuya kwethe Ranakas, wathi lolu ngolunye lwezinhlelo eziphakamise kakhulu izinombolo zababukeli kwimzansi Magic.
Sengathi-ke singakubona esikubhekile kulolu hlelo, lube yi- reality show yangempel, kungadlalwa ngathi. Phela kuvamisile ukuba amanye ama- reality show abe wumsangano nje into ongazi nokuthi ungayichaza kanjani.
Nolwazi@ilanganews.co.za