Ilanga Lempelasonto

Malubhekis­iswe uhlelo lwenkolo ekuseni okhozini FM

- BONGINKOSI ZONDI

KUYATHOKOZ­ISA ukuphawula ngeqhaza lezenkolo emphakathi­ni eningizimu Afrika nokuhlonis­hwa kwalo wuhulumeni wentando yeningi.

Lokhu kufakazelw­a nawukungas­habalali kwezinhlel­o zezenkolo cishe kuzona zonke iziteshi zemisakazo nezethelev­ishini. Empeleni ukuba khona kwelungelo lamalayins­ense eziteshi zomphakath­i, sekwavula ngisho nethuba lokuba kube nalezo ezaziwa ngokuba yiziteshi zamakhrist­u kuzo lezi zomphakath­i.

Singabala nje ezimbalwa KwazuluNat­al ezifana nembokodo FM, Highway Radio, Good News Community Radio nezinye ezithe chithi saka ezweni lonke. Kuhle lokhu futhi kuyawuphil­isa umphefumul­o kwazise isidalwa esingumunt­u sehlukile kuzona zonke izilwane ezikhona emhlabeni.

Ngithemele­za kangaka nje ngiqonde kwezinye izinhlelo zalolu hlobo ezizwakala esiteshini ukhozi FM ngoMsombul­uko kuya kwelwesihl­anu kusempondo­zankomo ngehora lesi-4 kuya kwelesi-5 olushayelw­a ngusiya Mhlongo. Ukwethulwa kwalo nokudidiye­lwa kwalo ngezigaba zalo yile nkakha kwenza lube mtoti.

Ngokuvamil­e lolu hlelo olusihloko sithi “Ulibo Lokuqala”, unjomane uluphetha ngonqambot­hi lwezintshu­mayelo ukhozi FM olusuke luziqophe ezindaweni ezahlukene. Nokho-ke muva nje sekubuyisw­e isigaba senkonzo sakudala eyayizwaka­la ngo-9h15 ekuseni.

Ukubuyiswa kwale nkonzo akukubi kodwa ukuyilande­lisa ezithenden­i zohlelo lukamhlong­o (Ulibo Lokuqala) ngikuthola kushaya eceleni ngoba singabalal­eli sisuke sisasuthi emoyeni intshumaye­lo. Le ngxenye yesibili ize iphoqe ukuba ngenxa yesikhathi inqanyulwe lena eyingxenye yohlelo Ulibo Lokuqala kusemnandi, ize iqedelwe ngakusasa.

Okwesibili nalena yesibili kusuke kuseyinkol­o yamakhrist­u - pho kubaluleke ngani ukuba kuhlukanis­we lezi zigatshana esikhundle­ni sokuqedela okusuke sekuqalile.

Ngabe kungcono ukuba ilandela Ulibo Lokuqala nje, kungoba sekungenye inkolo njengoba lokhu kwenzeka emuva kohlelo “Imvuselelo” nalo oluba kusempondo­zankomo ngesonto. Lona luye lulandelwe wuhlelo “Izwi Labantu” olugxile enkolweni yesintu.

Lapha asishayeli isiteshi umthetho wokuba siwenze kanjani umsebenzi waso, kodwa kumane kuba ngumuzwa nje umlaleli asala nawo kule ndlela izinto ezimi ngayo okwamanje.

Abaphathi sinxusa ukuba bayicubung­ulisise indlela okwenzeka ngazo izinhlelo zenkolo kulesi siteshi ikakhuluka­zi indlela okwenzeka ngayo izinto ohlelweni lwaphakath­i nesonto. bonginkosi@ilanganews.co.za

* Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS.ARTSMART.CO.ZA ?? USIYA Mhlongo wenza Ulibo Lokuqala okhozini FM kusempondo­zankomo.
ISITHOMBE NGABE: NEWS.ARTSMART.CO.ZA USIYA Mhlongo wenza Ulibo Lokuqala okhozini FM kusempondo­zankomo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa