Ilanga Lempelasonto

USEKHIPHE I-ALBHAMU OFANISWA

- SANDILE MAKHOBA

AKANAMAHLO­NI ngokufanis­wa nobrenda Fassie umculi we-afro jazz, ukhoisan Maxy.

Lo mculi ongowokuda­buka ebotswana kodwa osezinze egoli, uthi uyaziqheny­a ngokufanis­wa nalesi sihlabani esingasekh­o. Uveze lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e NELANGA Langesonto lapho egonyuluke konke ngaye nangempilo yakhe nomculo.

Uthi wafika eningizimu Afrika elethwe ngabechora­l Music Awards, enzeka ebotswana.

“Ngonyaka wezi-2004 ngalethwa ngabechora­l Music Awards kwikhaya FM (egoli), uma sifika emsakazwen­i kwangena izindaba zokuthi akasekho emhlabeni ubrenda, bangicela ukuba ngisho okuthile ngaye kodwa ngehluleka ngoba ngangingaz­i lutho ngaye,” kuchaza ukhoisan.

Uthi wacula ingoma ethi Mama I’m sorry nethi Too late for Mama. Ngaleso sikhathi uthi kwakukhona udeborah Fraser.

“Bethuka, bathi ngizwakala njengaye kumele ngicule i-afro pop,” kusho yena. Yize kumthathe isikhathi ukufeza lokhu okwashiwo kodwa uyazigqaja ngokuthi kugcine kwenzekile.

Ukhoisan ukhipha icwecwe ngaphansi kwenkampan­i karobbie Malinga, izingoma zakhe eziningi uzibhalelw­e nguyena urobbie, zadidiyelw­a nguye futhi. Uma ulalela izingoma zakhe ungamboni yena ungazitshe­la ukuthi ngubrenda oculayo, bese udideka usumbona.

Nakuba engowasebo­tswana kodwa ukhule esazi isizulu - uthi usifunde khona emculweni nasenyuves­i kubangani. Ngesikhath­i ekhuluma nentatheli ubebuye azicule ezinye izingoma, esho ngephimbo lakhe eliphezulu, phakathi emahhovisi­ni aleli phephandab­a.

Phakathi kwezingoma afolosa ngazo kukhona ethi “Why Uvuma” lapho athi ukhuluma ngobhuti ongafuni ukubuya ekhaya uma esethole umsebenzi. Kube khona ekhuluma ngothando apike kuyo- na umusa Sukwene es Wami”. Ukhoisan uth ndo, yingakho nje izin zela uthando. Akanay

 ??  ?? UKHOISAN ongumculi w
UKHOISAN ongumculi w

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa