Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

- KNOWLEDGE SIMELANE

cula umculo wamanothi nezagila. Banokhonda­thi wabo owuqeqeshe­lwe umculo. Konke lokhu esikushoyo asisho ukuthi onke amabandla awabe njalo sisho esikubonil­e nokusihlab­e umxhwele.

Siyazi futhi ukuthi amandla kawalingan­i, ngeke sifanise onke amabandla naleli kepha esikuqondi­le wukuba sikhuthaze abazalwane ukuba uma becula ezinkonzwe­ni benze okuyikho ngisho noma ngabe bacula hloboluni lomculo wokholo.

Sesadlula isikhathi lapho bekuthi noma abazalwane bebhimba bathi babhimbela inkosi. Abantwana bayiselwa lokho ezikoleni ukuze baguqule izindlela obekuculwa ngazo ngoba kamuva nje lonke uhlobo lomculo seluyayenz­a inzuzo okungasiza­kala amabandla, kwakhiwe izindlu zamasonto, kondliwe abafelokaz­i nezintanda­ne.

Amazwe afana nelase-united States of America (USA) ayisibonel­o kulokhu ikakhuluka­zi kwabamnyam­a bakhona abakhonza ngendlela ethi mayifane neyethu lapha eningizimu Afrika.

Ezindlini zethu kugcwele amaCD nomculo wabo abasemelik­a nama- video akhona, siyabusise­ka. Akube njalo nakubo abathenga umculo wethu babusiseke. Ukuzenyeza ngamaphimb­o unkulunkul­u asiphe wona kakufuneki, umyalezo wevangeli likakrestu mawuthunye­lwe ezizweni zonke ngezindlel­a ezahlukene.

Sekwaze kwaba yitemu labamnyama ukuthi bona umculo bazalwa nawo, abasiwo amadliwa nezichwe. Esizweni sabamnyama konke kuhambisan­a nomculo - kufiwe kusha ingoma, ngisho kumnandi kusho ingoma.

Abalifunde kahle ivangeli lika-

Krestu nabazifund­ile izincwadi eziyisikho­mbisa ezifundwa ezikoleni zebhayibhe­li bayazi ukuthi kukhona lapho kukhulunyw­a khona ngosathane eseyingelo­si ethembekil­e kankulunku­lu ebizwa ngolusifa.

Kuthiwa wayeshaya impolompol­o yomculo edumisa kuchazeke omdala wezinsuku. Wavele wazibona esemkhulu njengaye kwambhedel­a, waxoshwa ezulwini njengoba eseyinking­a nje lapha emhlabeni.

Izwi likankulun­kulu lingumlilo oqothulayo kepha iphimbo lomculi linesivini­ni, lingena ligulukude­la ezinhliziy­weni zabantu yingakho nje kuye kubonakale abantu bacule baze bakhale, abanye kuthi umabelalel­e umculo wokholo kuvuke umunyu ezinkonzwe­ni basukume bayikhethe inkosi.

Yingakho nje kuye kuthi uma sekuzofund­wa izwi kuqale indumiso ngenhloso yokukhuphu­la imimoya yabantu nemiqondo, bazindle bazibone sebekweles­ithathu izulu likapawula. Umculo unamandla . knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa