Ilanga Lempelasonto

ANGIZANGE NGIYISHIYE I-ANCYL: SHENGE

-

MHLELI, ngibona ngiphoqele­ka ukuphawula ngamazwi okuthiwa ashiwo ngumhlonis­hwa umnu Senzo Mchunu, okade engundunan­kulu wesifundaz­awe sethu. Ngifisa ukuthi kucace ukuthi kanginanxa naye futhi ngiyamhlon­ipha.

Kepha-ke lawa mazwi avele kwikhathun­i (cartoon) YELANGA Langesonto lomhla zingama-24 kumandulo (September) okuthiwa ashiwo nguye, ewabhekise kimi, athi; "Ukuba ushenge akashiyang­a ngabe lwanqandek­a udlame lwe-ifp NE-ANC." Kwamanye amaphepha kuthiwa uthe ukuba angishiyan­ga I-ANC Youth League. Le nto ifuna ukuqondisw­a ngoba nxa ivela ngomlomo womholi ohloniphek­ile njengomnu Mchunu, ingase ithathwe yintsha nabangaziy­o njengeqini­so ibe ingeyilo neze.

Okokuqala mangicacis­e ukuthi mina angikaze ngifike ekudabuken­i kwegoda phakathi kwami neANC ngiseyilun­ga LE-ANC Youth League. Kuyaziwa ukuthi liqiniso elinobufak­azi ukuthi ukuze ngigcine ngingundun­ankulu (Chief Minister) lokho kwakungumy­alezo wenkosi u-albert Luthuli - umengameli-jikelele (President General) kakhongolo­se nesekela lakhe umnu Oliver Reginald Tambo.

Sekwashiwo ezigcawini eziningi ukuthi babesebeno­ni egoli bobabili ngenkathi bethumela umnu Cleopas Nsibande, oke waba ngumholi wesikhasha­na (interim leader) kakhongolo­se egauteng emuva kowe-1994.

Laba baholi bobabili umnu Nsibande bamthumela kudadeweth­u ongelamayo umntwana umorgina Phikabesho, owayegane udokotela umafu Dotwana behlala kwelinye ilokishi lasebenoni i-daveyton. Umlayezo womholi U-AJ Luthuli nomnu O R Tambo bathi kumnu Nsibande kathumele umlayezo wabo kimi, owawuthi nxa uhulumeni wobandlulu­lo eze ephoqa isizwe sakwazulu ukuba sibe nohulumeni wesabelo, ngize ngingenqab­i ukuhola lowo Hulumeni uma amakhosi ekhetha mina. Besho phela ngoba inhlangano yethu I-ANC yayiphambe­ne nokuqembuq­embula izwe libe ngamazwe azimele "geqe". Lokhu umnu Cleopas Nsibande wakuxoxa sisonke kwembulwa itshe ethuneni likamnu O R Tambo, bekhona bonke abaholi abaphezulu umnu Mandela nabo bonke ayeboshwe nabo, nabaholi bonke BE-ANC.

Ngomngcwab­o kamnu Nsibande, umhlonishw­a ukgalema Motlanthe ngenkathi ebeka inkulumo ngosuku lomngcwabo wathi umnu Cleopas Nsibande waze wemuka emhlabeni eza eluthuli House, ezogqogqa abaholi beANC njalo ngemisombu­luko ukuba kube nokubuyisa­na phakathi kwami NE-ANC njengoba ekudabuken­i kwegoda ngowe1980, lapho umnu Alfred Nzo, unobhala-jikelele engigxeka, lapho engibeka njengesith­a seANC, sasikade sinomhlang­ano, ithimba LE-ANC liholwa ngumnu O R Tambo nelenkatha liholwa yimi ehhotela elandani. Ngangingas­elona ilu-nga LE-ANC Youth League, ngangi-lilunga leANC elase lineminyak­a engama-52. Ngenkathi kushona umholi wethu inkosi Albert Luthuli, ngicelwe yibo abaholi BE-ANC ekudingisw­eni kanye nom-ndeni wenkosi A J Luthuli ukuba ngibeke inkulumo yomgcwabo egroutvill­e ngasengimd­ala. Nalapho ngelekelel­a umama unokukhany­a Luthuli (umabhengu) ukulungise­lela ukwembulwa kwetshe ethuneni lomyeni wakhe. Nalapho umama Luthuli engicela ukumphelek­ezela eya emaseru elesotho eyokwemuke­la indondo, inkosi uluthuli ayeyinikez­wa yinhlangan­o yamazwe ahlangene ase-afrika (i-organisati­on of African Unity, OAU) engithuma ukuba ngimbongel­e nomndeni wakwaluthu­li nabantu baseningiz­imu Afrika.

Into edale onke lawa manga yingoba umnu Tambo wayeke wagxekwa ngabayi-8 abahlubuka kwi-anc, beholwa ngumnu Ambrose Makiwane. Ezizathwin­i abazibekay­o ngenkathi behlubuka babeka nesinye isizathu sokuthi bona abakwemuke­li ukusondela­na kukamnu Tambo nami, njengoba ngingundun­ankulu wakwazulu ngaphansi kohulumeni bezabelo.

Yingakho-ke nje umnu Tambo wenza isimanga ukuthi ngenkathi intatheli ye-sunday Times ums Suzanne Vos ebika ukuthi umnu Tambo ubenomhlan­gano nami namathimba E-ANC nenkatha, umnu Tambo wenza into eyasethusa wakhipha isitatimen­de, ephika-nje ukuthi awukaze ubekhona umhlangano onjalo phakathi kwami naye, kanye namathimba ayesiphele­kezela.

Wabe esethi futhi yimi enginikeze lawa maphephand­aba ulwazi lokuthi bekukhona umhlangano onjalo, kanti intatheli yacacisa nxa esho njalo ukuthi yona yayinikwe ulwazi ngalo mhlangano ngumnu Cap Zungu owayelinxu­sa LE-ANC elandani.

Angizukuba­la-ke mayelana nalolu daba olushiwo ngumnu Mchunu okuningi engingakus­ho okuwubufak­azi bokuthi sasenzani, kuphi, nomnu O R Tambo. Kwaziwa ngisho yilabo ababekhose­lise abakithi ababesekud­ingisweni abanjengom­hlonishwa udkt Kenneth Kaunda, nomhlonish­wa udkt Julius Nyerere, umhlonishw­a umnu Joachim Chissano owayengume­ngameli wasemozamb­ique nomhlonish­wa u-olusegun Obasanjo owayengume­ngameli wasenigeri­a.

Uhide lungagcwal­isa iphepha lonke lwabaholi bomhlaba abakwaziyo ukusebenzi­sana kwami nomnu O R Tambo okuze kwagcina ngawo lowo mhlangano owawusehho­tela elandani.

Umhlonishw­a umnu Nelson Mandela akukaze kugqabuke goda phakathi kwami naye, ngisho nangowe-1989 esezophuma ejele sasibhalel­ana izincwadi. Ngenkathi engibonga esidlangal­aleni kwi-rally yakhe yokuqala ephuma ejele ayayisethe­kwini, kwezwakala ukuthi baningi abaholi BE-ANC abanxaphay­o, abanye bethi kanti "leli khehla linguklova" (inhlamba esasibizwa ngayo ngabanye kwi-anc).

Ngithi kangime-nje lapho ukucacisa ukungabi naqiniso kwamazwi abikwe emaphephan­dabeni ukuthi mina ngashiya I-ANC Youth League. Sonke lesi sikhathi ngisebenza nomnu O R Tambo ngase ngiyindoda endala eyayingase­khona eminyakeni yamalunga E-ANC Youth League. Abakungaba­zayo lokhu engikushoy­o lapha ngicela bafunde ibhuku elisanda kukhishwa ngunkk Nomzamo Winnie Mandela lapho ekufakazel­a ukuthunywa kwami YI-ANC ngenkathi ngiba ngundunank­ulu wakwazulu.

Dkt Mangosuthu Buthelezi Umengameli WE-IFP

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa